Kuvuke uhlevane amaqembu ezepolitiki eTshwane esolana  ngezinkulumo ezicwasa ngokobuhlanga

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-EFF, i-DA, kanye ne-FF+ e-Tshwane bazokhuluma ngezinkulumo ezicwasa ngokobuhlanga ezenziwe emhlanganweni womkhandlu ngoLwesine.

Bafuna izinkantolo kanye ne-South African Human Rights Commission (SAHRC) ixazulule lolu daba.

NgoLwesihlanu, i-FF+ ifake isikhalazo ngenkulumo enenzondo ku-SAHRC.

NgoMsombuluko i-EFF ithe izobikela ikhomishini ngekhansela uMark Surgeon bese imvulela icala lokusabisa ngesenzo sakhe sokucwasa ngokobuhlanga.

Kulo mhlangano womkhandlu izinto zivele zashuba njengoba amakhansela e-DA, e-ANC, e-EFF, ne-FF+ eshintshisane ngamazwi ayizinsongo zokucwasa. 

I-ANC ifune iMeya uCilliers Brink axolise ngezinkulumo zakhe mayelana nokuthi i-ANC iyaphanga nokungaphathi ngendlela izinsiza zikamasipala. 

UBrink wenqabile ukuxolisa, wathi lezi zinkulumo azizange zenziwe emkhandlwini.

USurgeon ube esesabisa ngokushaya ikhansela le-EFF, u-Obakeng Ramabodu. 

URamabodu uphendule ngokuthi “uzojabula ukushaya ibhunu, futhi ufuna igazi leBhunu”.

USotswebhu wekhokhasi ye-EFF, uGodwin Ratikwana, uthe isinqumo sokubika uSurgeon kungenxa yezigameko zokucwasa eziqhubekayo edolobheni.

Khonamanjalo, umholi wekhokhasi ye-FF+ uGrandi Theunissen uthe i-EFF izama ukushaya indiva inkulumo enenzondo eyenziwe uRamabodu.

“URamabodu wephule umthetho kumele abhekane nemiphumela. Ukuhlokolozwa akusho ukuthi umuntu angephula umthetho. 

“Uxolisile emkhandlwini, okuwukuvuma icala.  Silubikile udaba kwikhomishini futhi sizobheka ezinye izindlela zomthetho,” kusho uTheunissen.

Osesithombeni ngenhla: Ikhansela u-Obakeng Ramabodu.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva