Dylan Bettencourt
Indawo okwabulawelwa kuyo uSenzo Meyiwa yahlanzwa ngamabomu ngaphambi kokuthi amaphoyisa afike.
Izinsolo zokuhlanzwa kwendawo yesigameko ngamabomu zithulwe eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng ePitoli ngoMsombuluko.
U-Advocate Zandile Mshololo, ommele umsolwa wesihlanu, utshele uSayitsheni Thabo Mosia, umphenyi wecala owafika kuqala endaweni yesigameko ukuthi indawo yesigameko yayihlanzekile.
UMshololo ufunde isitatimende sikafakazi kodwa wangadalula umbhali waso.
“Ngamangala ngesikhathi ngibona amanzi phansi ngibe ngitshelwe ukuthi kukhona odutshulelwe endlini. UMaggie Phiri wabe eseqala ecosha amabhodlela kabhiya phansi,” kufundeka isitatimende sikafakazi.
“Ngambuza ukuthi kungani eqoqe endlini amaphoyisa engakafiki. UMaggie uphendule ngokuthi wayengafuni amaphoyisa abone ukuthi abantu abebesendlini bebephuza.”
UMshololo ubuze uMosia ukuthi uyabona yini ukuthi indawo yesigameko yahlanzwa engakafiki.
Uphendule wathi: “Ngiyaqonda.”
Lowo owayengunozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa wadutshulwa wabulawa ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014 esemzini kanina wentombi yakhe uKelly Khumalo ose-Vosloorus.
Ngesonto eledlule uKhumalo usolwe “ngokubulala ngephutha” owayengunozinti we-Orlando Pirates kanti ufakazi owazibonela ngawakhe usazovela enkantolo.
Ukuqulwa kwecala kuyaqhubeka njengoba uMosia esasebhokisini lofakazi.
Umthombo wesithombe: @TimesLive