Kuvela ezithi uNdunankulu udube eyokushintshwa kwekhabhinethi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umbango mayelana nezinguquko kwikhabhinethi KwaZulu-Natal ushubile ngemuva kokuvela ukuthi uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube unqabe ukwenza izinguquko phezu kokuyalelwa abaholi be-ANC esifundazweni ukuthi enze lokho.

Lokhu kuphoqe iPhini likaSihlalo we-ANC kanye noNgqongqoshe wezeMpilo kaZwelonke uNkk Nomagugu Simelane Mngadi ukuthi abambe isikhundla sikaNdunankulu ebambe usuku olulodwa ukuze kushintshwe ikhabhinethi futhi kuqokwe ongqongqoshe abasha ngesikhathi uNdunankulu engekho.

I-Scrolla.Africa siphinde satshelwa imithombo ukuthi ngisho uNgqongqoshe omusha wezobuCiko, amaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka uDkt Ntuthuko Mahlaba udinwe ugane unwabu ngokususwa esikhundleni sokuba nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa  kwabantu nemisebenzi yomphakathi.

“Uzizwe edelelekile futhi ephoxekile ngoba uthole ucingo etshelwa ngoshintsho ngesikhathi esoLundi ekhuluma nabaholi bomdabu mayelana nenqubekela phambili yokwakhiwa kwesigodlo esisha seSilo uMisuzulu.

“Sonke siyazibuza ukuthi kungani benza lokhu esikhundleni sokususa uNgqongqoshe wezeMfundo uMbali Fraser ofake uhulumeni ehlazweni ngohlelo lokuphakela izikole olungaphumelelanga,” kusho umthombo.

Mayelana noNdunankulu kuyaqondakala ukuthi udube ukushintshwa kwekhabinethi watshela ubuholi ukuthi angeke ahlukunyezwe ukuze angamele lolu daba oluyihlazo.

NgoLwesibili i-Scrolla.Africa sitshelwe ukuthi usohambweni olusemthethweni lwase-Kenya kodwa kubuye kwavela ukuthi lokho kungamanga njengoba kuthiwa ubesemzini wakhe e-Hillcrest.

Ngisho nethimba lakhe lezokuxhumana beliseThekwini ngesikhathi kumenyezela ongqongqoshe abasha.

Abanye abaholi baphakamise ukuthi asule njengoNdunankulu ukuze agweme ubuhlungu nehlazo abhekene nalo olulethwa ubuholi besifundazwe beqembu lakhe.

Abaholi abakhathazekile bathi ngisho ukungenelela kukaMengameli uCyril Ramaphosa noNobhalaJikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula kubukeka sengathi akwenzanga lutho.

UMahlaba noDube-Ncube abazange batholakale ukuze baphawule.

UNobhala we-ANC esifundazweni uMnu Bheki Mtolo uthe bayazamukela izinguquko esigungwini esiphezulu sesifundazwe.

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube

Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaNdunankulu

Izihloko zakamuva