Lungani Zungu
Umvikeli womphakathi osamisiwe u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, kuthiwa uvule icala, wamisa waphinde waxosha umphenyi obegula ehlaselwe isifo sohlangothi.
Umphenyi u-Abongile Madiba washona “eyindoda edabukile nephukile” nyakenye ngemuva kwenyanga exoshiwe.
Lokhu kudalulwe isikhulu esiphezulu sophenyo ehhovisi loMvikeli woMphakathi uPonatshego Mogaladi ngesikhathi ethula ubufakazi ophenyweni lwasephalamende oluphenya ukuthi ngabe uMkhwebane ukulungele yini ukuphatha.
“Umvikeli womphakathi ubesazi kahle isimo sezempilo sikaMadiba nakuba kunjalo wambeka icala ngesikhathi egula, wammisa emsebenzini wagcina esemxoshile,” kusho uMogaladi.
UMadiba ubengumphenyi “onekhono futhi ubesebenza kanzima,” kusho uMogaladi.
UMkhwebane, oncamela ukuthi abizwe “ngoMadam” uphinde wabhekana nelinye icala ngoLwesithathu ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ichithe isicelo sakhe sesibili sokushintshwa kwemithetho yokuqulwa kwecala.
Inkantolo enkulu ithe umzamo wakhe bekuwukusebenzisa kabi inqubo yenkantolo kanti inkantolo ibe isikhipha umyalelo mayelana naye.
Okungenani bayishumi nambili ofakazi abasebenze eduze noMkhwebane kusukela ngo-2016 ngesikhathi eqokwa njengomvikeli womphakathi abethule ubufakazi. Badalule izinto ezishaqisayo ezingaziwa umphakathi.
UBusani Baloyi owayeyinduna esebenza ehhovisi loMvikeli woMphakathi utshele inkantolo ukuthi uMkhwebane ubefuna abasebenzi bambize ngoMadam.
Sengathi lokho bekunganele, uMkhwebane ubefuna nokuthi bamkhothamele futhi bame ngezinyawo uma engena egumbini, ngokusho kukaBaloyi.
Isikhathi sakhe seminyaka eyisikhombisa sizophela ngonyaka ozayo. Kodwa engase engasiboni isiphetho saso uma inkantolo iphetha ngokuthi akakufanele ukuphatha.
Lokhu kuzovumela uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi amxoshe, okwamanje usamisiwe nje.
Uma exoshwa, uzongena emabhukwini omlando njengomphathi wokuqala wesikhungo i-Chapter 9 ukuxoshwa.
Inqubo yecala iyaqhubeka ngoLwesine.
Umthombo wesithombe: @Busisiwe