Kuvalwe izipaza eSoweto izakhamizi zisola abanini bazo ngokubulala izingane ngokudla abakudayisayo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi ebezidinwe zigane unwabo eNaledi Ext, eSoweto, ziphoqe abanikazi bezitolo bokufika ukuthi bavale ngemuva kokushona kwezingane ezinhlanu ngenxa yokudla ukudla okulula (snaks) okunoshevu.

Abagilwa bonke bafunda amabanga aphansi: uZinhle Maama, (7), uNjabulo Msimango, (7), uKarabo Rampou, (8), u-Isago Mabote (8) kanye noMonica Sathekge (6).

Bashone ngemuva kokudla ukudla ama-snacks esitolo sendawo ngeSonto. Enye ingane, uKatlego Olifant, (7), ulwela impilo yakhe esibhedlela.

Izingane zigule ngemuva kokudla ukudla okulula okubizwa ngokuthi i-brown dash.”

Zishone esibhedlela eJabulani eZola, Chawela.

“Ubevevezela, nenhliziyo yakhe ishaya ngamandla, ube eseqala ekhipha into e-brown ngomlomo nasemakhaleni,” kusho ugogo ka-Isago, u-Agnes Mabote.

“Siqashe i-Uber ukuthi imyise esibhedlela njengoba sitshelwe ukuthi i-ambulensi izothatha imizuzu engu-30 kuya kwengu-45 ukufika.”

Uqhubeke wathi “Izingane zishintshe umbala esikhumbeni zavuvukala nezisu futhi zihlanza into e-brown.”

Unina kaKarabo, uLydia Olifant, uthe: “Indodana yami ikhombise ukuqina futhi nakuba isezinhlungwini ezinkulu iyalwa sithandazela ukuba isinde kulokhu.”

Esithombeni esingenhla: Abafundi abangasekho.

Umthombo: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva