Kuvalwe izikole e-Malawi ngenxa yesifo sohudo 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Iziphathimandla zase-Malawi zimise izikole zamabanga aphansi nezamabanga aphezulu emadolobheni amakhulu amabili kulandela ukuqubuka kwesifo sohudo esibulale abantu abaningi.

Izikole enkabeni yedolobha i-Lilongwe kanye nezitolo e-Blantyre zizohlala zivaliwe okungenani amasonto amabili noma ngaphezulu ngemuva kwamaholide kaZibandlela.

Khonamanjalo oDokotela e-Malawi benza konke okusemandleni abo ukuthi balwe nalesi sifo. 

Ongumxhumanisi we-MSF Emergency Response, uYahya Kalilah utshele abezindaba bendawo yase-Malawi ukuba kubalulekile ukuthi umphakathi uthole ulwazi ukuze ukwazi ukuvimbela isifo sohudo, ukufuna usizo lwezokwelapha kusenesikhathi, kanye nokwandisa ukuthathwa komgomo.

Ikholera isifo esithathelanayo esibonakala ngezimpawu zohudo oluyingozi.  Sithathwa njengesifo esithathelanayo emazweni adonsa kanzima ngenxa yokusabalala kwaso ezifundeni ezingenazo izinsiza kanye nenhlanzeko.

Babalelwa ku-21,522 abantu asebethole lesi sifo kanti bangu-716 asebeshonile kuze kube imanje, i-Malawi isonqenqemeni lokuqubuka kwekholera njengoba isike yabhubhisa ngo-1998 ngenxa yendlala. 

Njengoba abantu base-Malawi abaningi abasezindaweni ezisemaphandleni bethembele emithonjeni ukuze bathole amanzi okuphuza isimo singase sibe sibi ngalesi sikhathi semvula.

Lokhu kuqubuka kwesifo sohudo cishe sekusabalele kuzo zonke izifunda ezingu-28 zase-Malawi.

Inhlangano ye-Africa Centres for Disease Control ithi ikhathazekile ngokwanda kwenani labantu ababulawa ikhorela e-Malawi okubangelwa ukungatholi ukwelashwa ngesikhathi.

Abafundi abayisishiyagalombili bamantombazane abafunda esikoleni samabanga aphezulu e-Ntcheu bahlolelwe isifo sohudo ngokusho kweziphathimandla zezemfundo esifundeni.

UMqondisi wezemfundo, intsha nezemidlalo kulesi sifunda uNksz Sophia Rosemary Mthiko ngoLwesibili uthe “abafundi abayisithupha sebephumile esibhedlela kanti ababili basasesibhedlela.

Njengoba sekuqubuke lesi sifo e-Malawi ezinye izifunda esifundeni esimaphakathi ikakhulukazi e-Kasungu azinawo umjovo wokugomela lesi sifo. Okhulumela ihhovisi lezempilo lesifunda sase-Kasungu, uCatherine Yoweli usiqinisekisile lesi sigameko.

Uthi njengamanje amahhovisi akhipha umgomo kwezinye izifunda ukuze abantu bezokwazi ukuthola lo mgomo maduze.

“Balinganiselwa ku-243,000 kuphela abantu e-Kasungu abagonyelwe lesi sifo kubantu ababalelwa kwisigidi kulesi sifunda.”

Izihloko zakamuva