Dylan Bettencourt
Sekuqubuke imibhikisho yentando yeningi eSwatini, okuphoqe ukuthi ababusi bezwe bavale izikole ne-intanethi.
NgoMgqibelo, izwe ebelaziwa nge-Swaziland, limemezele ukuthi zonke izikole zizovalwa “ngokushesha” njengoba kuqhubeka umbhikisho omayelana neNkosi uMswati III ezweni lonke.
“Uhulumeni weNkosi uMswati uthathe isinqumo sokuvala izikole ngokushesha” kusho uNdunankulu uCleopas Dlamini esitatimendeni.
Lesi sinqumo size ngemuva kokuthi amasosha namaphoyisa athunyelwe ezikoleni. Lokhu kuholele ekuboshweni kwabafundi abaningana kuleli sonto ngemuva kokuthi bebhikishe.
Kudala abafundi base-Swatini befuna ukuthi kube nemfundo yamahhala, nokuthi iNkosi ishiye isikhundla sayo futhi izwe labo kube ngelokugcina eliba neNkosi ezwenikazi. Abafundi badube zonke izifundo amasonto ambalwa.
INkosi isola ababhikishi ngokusebenzisa abafundi njengethuluzi lokuqinisa imibhikisho yabo.
“Izingane zincishwe ithuba lokufunda yilabo bantu okuthiwa balwela inkululeko,” esho.
“Akulungile ukuthi izigebengu nezidakwa zibasebenzise ukufeza izinhloso zabo ezingezinhle nezobusathane,” esho ngokuthukuthela.
Ababhikishi abasekela umbuso wentando yeningi bahilizisane neziphathimandla, nokuholele ekusheneni kwabantu abangama-28 kulokho okubhekwe njengezidubedube ezimbi kunazo zonke isizwe esike sabhekana nazo emlandweni waso.
Ngosuku olungaphambi kwalolu, ngoLwesihlanu, uhulumeni uvale i-inthanethi ezweni lonke amahora amabili, wavala nezinkundla zokuxhumana.
Ukuvalwa kwe-inthanethi kuphoqelelwe ngemuva kokusabalala kwezithombe zababhikishi abalimele abanamanxeba ezibhamu ngemuva kokungqubuzana neziphathimandla ngesikhathi bemasha beya ebhilidini lenhlokodolobha.
Imibhikisho ebhekiswe eNkosini seyenziwe iminyaka eminingana ngemuva kokuthi abaningi ezweni besole iNkosi ngokungasinaki isicelo sabo sokwenza izwe libe nentando yeningi.
UMswati oneminyaka engama-53 ubudala usolwe ngombuso wobushiqela nokuthi usebenzisa imali yomphakathi ukuze aziphilise impilo yobukhazikhazi, ngenkathi abantu abaningi e-Swatini beqhubeka nokuphila ngokuhlupheka.
UMswati, othola isamba semali elinganiselwa kuzigidi eziyi-R1,4, uphendule imibhikisho ephikisana nokuphatha kwakhe ngokuthi “lokhu kufana nemisebenzi kasatane”. Uthe bacekele phansi isizwe, yize bazi ukuthi izinga lalo lobuphofu lingu-63% kanye nezinga lokungasebenzi lingu-41%.
Umthombo wesithombe: @MailandGuardian