Kuvalwe egqugquzela eyokuthandana kwabobulili obufanayo

Dylan Bettencourt

Ifilimu yakamuva yopopayi ekhishwe i-Disney ebizwa nge-Lightyear isavaliwe ukuthi ibukwe emazweni angu-14 ngenxa yesigameko esibonisa abalingisi ababili bobulili obufanayo beqabulana.

I-Lightyear isitory sopopayi esixoxa  ngemvelaphi yomlingiswa u-Buzz Lightyear, sivinjelwe emazweni angaphezu kweshumi nambili ahlala amaSulumane ngokusho kwe-Associated Press.

Amazwe angu-14 e-Asia nase-Middle East anqabile ukudlala le filimu ekhishwe i-Disney ngoba iveza opopayi abanobulili obubodwa beqabulana okuhambisana nezinguquko abazenzile zokweseka i-LGBTQ+.

Inkampani ekhiqiza amafilimu ibhekane nokugxekwa ngokungabi bikho kwezinguquko kumafilimu ayo eminyakeni yakamuva, kodwa isiyenzile imizamo yokuthuthukisa lokho ngokukhipha amafilimu afana ne-Moana, i-Encanto kanye ne-Soul.

Kodwa-ke abalawuli e-United Arab Emirates bamemezele ukuthi bayayivimba le filimu ngenxa yokwephulwa kwemithetho ye-Media content standards. 

Abalawuli babhale ku-Twitter baveza isithombe se-Buzz Lightyear esinophawu olubomvu olungavumelani nale filimu.

I-Indonesia izwe elinabantu abaningi abangamaSulumane emhlabeni ithe ayizange iyivimbe le filimu ukuthi idlale, kodwa iphakamise ukuthi umnikazi wefilimu acabange ngezethameli zabo e-Indonesia njengoba isigameko sokuqabulana se-LGBT singafiki kahle kwabanye abantu”.

I-Film Censorship Board e-Malaysia ithe izocubungula ukusakaza kwale filimu nokuthi mhlawumbe isuse isiqeshana sokuqabulana kwabantu bobulili obufanayo.

I-Disney kuthiwa izinqabile izicelo zokususa noma isiphi isigameko kule filimu.

Ifilimu ekhombisa omunye wabalingiswa abakhulu u-Alisha Hawthorne eqabula umkakhe izovezwa njengoba injalo.

Lesi sigameko sidale impikiswano eMelika kanye nosopolitiki abambalwa besabisa ngokususa izinzuzo ezitholwa i-Disney ngenxa yale filimu.

Lesi sigameko siqale sasuswa saphinde safakwa ngemuva kokuthi umphathi we-Disney uBob Chapek egxeke umthetho ongahambisana nabantu abathandana nobulili obufanayo ezifundazweni zase-Republic.

Umthombo wesithombe: @Polygon

Scrolla World Cup Quiz