Kuthuse amaphoyisa amaningi ukumiswa kukaSithole emsebenzini

Everson Luhanga

Ukhomishini wamaphoyisa kazwelonke uKhehla Sithole unikezwe isaziso ngenhloso yokumiswa kwakhe emsebenzini ngokusho kwe-eNCA. 

Kodwa okhulumela amaphoyisa kazwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amaphoyisa abengazi ngokumiswa kukaSithole. 

“Ngikuzwe ngabezindaba ngize ngafonela umhleli wabezindaba okhiphe lolu daba,” kusho uNaidoo. 

UNadioo uthe: “engikwaziyo ukuthi u-Lieutenant- General Francinah Vuma useholidini kanti uSithole usemsebenzini futhi akekho emaphoyiseni obazi ngokumiswa kwakhe.”

Kodwa omunye umthombo ngaphakathi emaphoyiseni utshele abashicileli ukuthi uJenene uSithole umisiwe ngempela. 

I-News24 ithe uSithole uthole incwadi evela kuMengameli uCyril Ramaphosa ngesonto eledlule, incwadi ebithi akachaze ukuthi kungani kumele angamiswa emsebenzini, ngokusho komthombo othi incwadi wayithola ngoMsombuluko. 

“Usolwa i-Independent Police Investigative Directorate Act (i-IPID) ngokuphula umthetho ebe eyiphoyisa nokuzibandakanya nobugebengu nokuvumelana nezinto ezingekho emthethweni,” kusho i-News24. 

USithole ugxekwe kakhulu selokhu inkantolo enkulu yasePitoli yanquma ukuthi yena nabalingani bakhe baphula umthetho ngokungalethi amaphepha ophiko oluphenya ngamacala amaphoyisa e-IPID ukuze kuphenywe izinsolo zokukhwabanisa kanye nenkohlakalo. 

Izihloko zakamuva