Kuthunjwe uthisha wase-Gqeberha ngaphandle kwesango lesikole

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Owesifazane uphoqwe amadoda amathathu ukuba angene emotweni ngemuva kokufika esikoleni e-Algoa Park.

Amaphoyisa athi okwamanje ayikho imali esafuniwe njengoba uphiko lobugebengu obuhleliwe luhola uphenyo.

Uthisha oneminyaka engu-45 ubudala uthunjwe phambi kwesikole sakhe e-Gqeberha ngesikhathi efika emsebenzini ngoMsombuluko ekuseni.

Ubesanda kuphuma emotweni yakhe yohlobo lweToyota Fortuner e-Happydale Special School e-Algoa Park ngesikhathi amadoda amathathu embamba emfaka emotweni yawo ngenkani.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lweToyota Corolla emhlophe base besuka ngesivinini owesifazane ephakathi.

“Ayikho imali mhlampe esafunekile ukuze adedelwe,” esho.

Kuvulwe icala lokuthumba ngamaphoyisa ase-Algoa Park.

Uphiko lwesifundazwe oluphenya ubugebengu obuhleliwe yilona olusingatha leli cala.

Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani obonile okwenzekile noma onolwazi ukuthi athinte uDetective Warrant Officer Mike Joni ku-071 475 1891 noma ashayele iCrime Stop ku-08600 10111.

Esithombeni esingenhla: Isithombe esithathwe kwividiyo esiboniaa ukuthi ukuthumba kwenzeke kanjani.

Umthombo wesithombe: Heinrich Edgar Davis

Izihloko zakamuva