Buziwe Nocuze
Ngemuva kokuthunjwa kwendodana yakhe (8), umama waseKapa osebenza njengompheki akazi ukuthi uzoyikhokha kanjani imali yesihlengo engu-R100,000.
Umama waselokishini laseNyanga ubephuma emsebenzini ngoLwesihlanu ngesikhathi owesilisa emshayela ucingo embuza ukuthi wazini ngokuthumba.
“Ngimtshele ukuthi angazi lutho ngakho wabe esevala ucingo,” esho.
Owesifazane obedidekile ubengaqondi ukuthi kungani indoda imbuza lowo mbuzo – kodwa uye wathola ukuthi kungani ngesikhathi efika ekhaya etshelwa ukuthi indodana yakhe ithunjiwe.
“Angikaze ngilale noma ngidle ngingazi noma indodana yami bayinika yini ukudla,” esho.
“Abathumbi bangishayele ucingo kusukela ngoLwesihlanu befuna ngikhokhe u-R100 000. Ngibatshele ukuthi anginayo leyo yemali. Ngisebenza njengompheki kuphela, kodwa abafuni ukulalela,” esho.
Umama uthe uyazibuza ukuthi kungani kuqondwe yena ekubeni engenayo imali abayifunayo. Uthe uno-R3 000 kanti i-accountant yakhe ayazi ukuthi uzowuthola kanjani u-R100 000.
“Angazi ukuthi ngenzeni kubo. Bathe angizame ukuhlanganisa imali noma kumele ngifake imali enginayo,” esho.
Uthe ubakhokhela u-R1 000 nge-E-wallet.
“Lokhu kubathukuthelisile. Bangixwayise ngokuthi abadlali umacashelana,” esho.
Lokhu kuthunjwa kwethuse abaningi, izakhamizi zithi zicabanga ukuthi ngabanikazi bezitolo abavela kwamanye amazwe abahlukunyezwa abathumbi.
Umama unxusa amaphoyisa ukuthi amsize abuyise indodana yakhe ekhaya iphila.
Okhulumela i-Western Cape ophinde abe nguWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe abaseshi besifundazwe baholwa ngabaseshi bophiko loKlebe abaphenya ngezigameko zokuthumba.