Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho
- Abahlengikazi ababili bathunjwe badlwengulwa ngesikhathi besebenza ebusuku emtholampilo i-Chuene, nokuqubule ulaka befuna kuqiniswe ezokuphepha ezikhungweni zezempilo.
I-Denosa kanye ne-Haitu bagxeke izinyathelo zokuphepha ezingekho ngokwanele, banxusa umnyango wezempilo ukuthi ubeke eqhulwini ezokuphepha emitholampilo futhi ubhekane nokuphepha kwabasebenzi.
Abahlengikazi ababili besifazane bathunjwe, bashaywa, badlwengulwa ngesikhathi besebenza ebusuku e-Chuene Clinic esigodini sase-Thokgwaneng, e-Limpopo.
Lokhu kuhlasela kwenzeke ngezithuba zabo-01:00 ngoLwesihlanu ekuseni lapho owesilisa obehlome eyizingovolo ehlule onogada abathathu abebengahlomile, wababopha base bethatha abahlengikazi. Laba besifazane babuyiselwe emtholampilo ngezithuba zabo-05:00, behlukumezeke kakhulu.
Inhlangano yabahlengikazi i-Democratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) kanye ne-Health and Allied Workers Indaba Trade Union (Haitu) basigxekile lesi sigameko, befuna kulungiswe ngokushesha ezokuphepha ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.
UNobhala we-Denosa e-Limpopo, uJacob Molepo, uthe: “Sekuyisikhathi sokuthi uMnyango wezeMpilo esifundazweni ubeke eqhulwini ezokuphepha emitholampilo yethu. Ukuthembela konogada ababili noma abathathu nokungabibikho kwezinhlelo ezithuthukile njengamakhamera okuvikela nemishini yokuqapha akwanele.”
Yize kunokucasuka, uMolepo ukuqinisekisile ukuthi usizo lwezempilo luzoqhubeka, ngisho nasebusuku, njengoba bexoxisana nomnyango ukuze kwenziwe ngcono ukuphepha.
IPhini likaMengameli we-Haitu uMuladzi Ramaano ukugxekile ukunganakwa kwezokuphepha osekunesikhathi eside.
“Imitholampilo eminingi inonogada oyedwa noma ababili abamiswe emasangweni, kude nezakhiwo, futhi abahlomile. Lokhu kushiya abasebenzi bezempilo besengozini,” esho.
URamaano ubuye wagqamisa ukungabi bikho kwamakhamera nonogada abasebenza ngaphakathi emitholampilo, kanye nokushoda kwabasebenzi bezempilo besilisa.
“Ukuba nabasebenzi besilisa njengoba kubonakala kweminye imikhakha njengamaphoyisa kunganqanda ukuhlaselwa kwalolu hlobo. Ngeshwa, uhlelo lokunakekelwa kwezempilo alunabo abasebenzi besilisa abenele.”
UNgqongqoshe wezeMpilo esfundazweni uDieketseng Mashego ukugxekile ubugebengu njengokuhlukumeza ukuphepha komphakathi futhi wacela izakhamuzi ukuthi zisize amaphoyisa ngophenyo
“Abenzi bobubi bahlala phakathi kwethu. Kumele size nemininingwane ukuze babhekane nengalo yomthetho,” kusho uMashego.
UKhomishana wamaphoyisa e-Limpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, usekhiphe umyalelo wokuthi kuphenywe ngokushesha mayelana nalokhu kuhlasela, ethembisa ukuthi kuzothathwa izinyathelo ezisheshayo ukuqinisekisa ubulungiswa kwabahlukumezekile.
Lesi sigameko esihlasimulisa umzimba sihulumeni wesifundazwe ukuthi asukume ngokushesha ukuvikela abasebenzi bezempilo ababeka izimpilo zabo engcupheni ukuze basize umphakathi.
Esithombeni esingenhla: Umtholampilo wase-Magwedzha ungesinye sezikhungo zezempilo e-Limpopo ezingenawo amakhamera onogada.
Umthombo: Ndivhuwo Mukwevho