Kamogelo Olaitan
I-SPCA ithungatha owesilisa obonakale kwividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana ephuzisa imbuzi utshwala ngoba ibanga umsindo.
Ivaleleke ebhuthini yemoto, imbuzi ibilokhu ikhale njalo ngesikhathi lo mlisa eyiphuzisa utshwala.
Kuzwakala lo mlisa ehleka ngesikhathi eqhubeka nokuphuzisa imbuzi ngenkani.
Le ndoda itshela imbuzi nge-Setswana ukuthi iphuze utshwala ukuze ilale ngoba ibanga umsindo.
“Asazi ukuthi le vidiyo iqoshwe kuphi kodwa ifakwe izolo nguThabie Tash Machika esingeke sikwazi ukumthola ngocingo ukuze sithole ulwazi oluthe xaxa. Nathi asazi ukuthi lesi silwane esicindezelekile siphelelephi futhi noma yiluphi ulwazi esingaluthola singabonga kakhulu,” kusho i-SPCA esitatimendeni.
Onolwazi uyacelwa ukuthi athinte i-National SPCA Farm Animal Protection Unit ku-011 907 350 noma athumele i-imeyili [email protected].