Doreen Mokgolo
Ufunwa uthuli owesilisa oneminyaka engu-42 waseSoweto osanda kukhululwa ngoshwele ejele ngemuva kwezinsolo okudlwengula isihlobo sakhe.
Ngemuva kokuchitha iminyaka engu-15 ejele ngecala lokudlwengula, uBenjamin Bopape wakhululwa ngoshwele ngonyaka ka-2014 umndeni wakhe wamamukela. Waphinde waboshwa ngonyaka ka-2018 ngecala elifanayo waphinde wakhululwa ejele ngomhlaka-24 kuZibandlela ngonyaka odlule.
Kodwa umndeni kaBopape uthe usephinde wakhaphela umusa wabo ngokwenza elinye icala elinesihluku.
Ngemuva kokukhululwa ngoshwele ngomhlaka-24 kuZibandlela ngonyaka odlule, lendoda isisolwa futhi ngokudlwengula isihlobo sayo.
Leli cala lakamuva kusolwa ukuthi lenzeka ngomhlaka-8 kuMasingana, ngemuva kwamasonto amabili ekhululiwe ejele.
Ngesikhathi beya endaweni yokucima ukoma e-Naledi e-Soweto, uBopape kusolakala ukuthi ushaye isisulu ngento ebuthuntu ekhanda. Wabe esemdonsela emseleni oseceleni komgwaqo lapho aqhubeka khona nokumshaya ngemuva kwalokho wamuklinya. Wabe esemdlwengula.
“Bengicabanga ukuthi ngizofa,” isisulu sitshela i-Scrolla.Afrika.
“Uvele waphenduka isilwane.
Ngamncenga ukuthi ayeke kodwa akazange angiphendule.”
Uthe ube esembopha izandla ngephenti lakhe wase emdlwengula eqhubeka nokumklinya.
“Ngicabanga ukuthi wayeka ngesikhathi ngiquleka wacabanga ukuthi ngishonile. Wangivala ubuso ngesikibha sami wangishiya lapho,” kuchaza isisulu.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Dimakatso Sello ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asathungatha umsolwa.
“Umsolwa uphume ngoshwele, kumanje ugcwele izinkalo. Sicela noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi singamthola kuphi aphumele obala,” kusho uColonel Sello.