Lubhalwe nguLungi Langa
Ugogo (98) wakwaMhlabuyalingana KwaZulu-Natal ukhungathekile ngemuva kokudlwengulwa ngowesilisa ozibize ngomzukulu wakhe.
Ugogo ongeke adalulwe igama ngenhloso yokumvikela ubeyedwa elele emzini wakhe eZamazama ngesikhathi ehlaselwa umuntu ongaziwa ngaphambi kwehora lesihlanu ekuseni ngoMgqibelo.
Umzukulu wakhe (44) naye ongeke adalulwe igama ukuvikela ugogo uthe umndeni wakhe ukhathazekile ngokuphepha kukagogo.
- Kodwa-ke, kunzima ukuthi babe khona ukuze bamvikele ngoba uncamela ukuhlala yedwa. Uthe ugogo wakhe usakhuthele futhi uyakwazi ukuzenzela izinto ezifana nokwenza ingadi neminye imisebenzi futhi uyakujabulelalokho.
“Inkinga ukuthi ugogo uncamela ukuhlala yedwa emzini wakhe. Kade sizama ukuthi athuthe kodwa uvele athi ufuna ukubuyela emzini wakhe.
“Umuzi wakhe sawulungisa ukuze ube ngowesimanje njengoba usezindaweni zasemakhaya kodwa kusenzima ngoba uvamise ukuba nenkinga yokuvula ingidi uma umnyango ukhiyiwe futhi ngicabanga ukuthi umsolwa ungene kanjalo,” esho.
Ngokusho kukagogo umsolwa ungene ngesikhathi elele. Ngesikhathi ememeza uye wamtshela ukuthi angesabi.
“Umsolwa uthe ungumzukulu wakhe … ohlala kude nasekhaya ngenxa yomsebenzi. Sikholwa ukuthi umsolwa umuntu esimaziyo ngoba ubazi ukuthi ugogo uzobe eyedwa futhi ubebonakala ewazi umndeni wethu.
“Sinethemba lokuthi amaphoyisa azobamba umsolwa nokuthi sizokwazi ukuthi ungubani. Wonke umuntu wethukile ngoba ayikaze yenzeke into efana nalena komakhelwane bethu. Kubi kakhulu ngoba lo muntu uzulazula kule ndawo sengathi akwenzekanga lutho,” esho.
Selokhu kwenzeke lesi sigameko ugogo wethuka kalula. Uma ezwa noma yimuphi umnyakazo uvame ukubatshela ukuthi ucabanga ukuthi umsolwa ozomlanda. Umndeni unethemba lokuthi uzothola ukwelulekwa ngokwengqondo ukuze akwazi ukuphila ngemuva kwalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula ngemuva kokudlwengulwa kwesalukazi ngowesilisa ongaziwa.
“Kusolakala ukuthi isisulu besilele lapho esihlala khona ngesikhathi umsolwa evula umnyango ngenkani esisabisa futhi esidlwengula,” kusho uNetshiunda.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa