
Dylan Bettencourt
I-Kenya yaziwa ngabasubathi bayo bamabanga amade kanti iningi labasubathi bazilolonga edolobheni lase-Iten.
NgoMgqibelo kutholwe isidumbu somsubathi uDamaris Muthee Mutua sinamanxeba okugwazwa.
Lo msubathi (28) utholwe eshonile edolobheni elaziwa ngokuthi “ikhaya lompetha”.
Amaphoyisa endawo aphume umkhankaso wokuthungatha isoka lalo msubathi, elibaleke edolobheni ngosuku okutholwe ngalo isidumbu sikaMutua.
UMutua ungumsubathi wesibili wesifazane wase-Kenya obulawe kuleli dolobha ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. U-Agnes Tirop wagwazwa washona ngoMfumfu nyakenye. Umyeni wakhe, ongumsolwa omkhulu usagcinwe esitokisini samaphoyisa njengoba elinde ukuqulwa kwecala lakhe.
UMutua ubezilolongela esikhungweni esisendaweni ephakeme nesoka lakhe, elibaleke kuleliyazwe ngemuva kokushaya izingcingo eziningi eziya e-Ethiopia.
“Umsolwa ufonele umngani wakhe abebeziqeqesha naye emazisa ukuthi ubulale intombi kanti isidumbu sisendlini,” kusho isikhulu samaphoyisa uTom Makori etshela i-Reuters.
Isisulu sazalelwa futhi saqeqeshwa e-Kenya kodwa besimela i-Bahrain ezingeni lomhlaba.
Isoka lakhe lithathwa njengomsolwa omkhulu ecaleni lokubulala, ngokusho kwePhini likaKhomishana wase-Keiyo North County uJulius Maiyo.
“Amaphoyisa athole imibiko yokuthi lona wase-Ethiopia ubulale intombi yakhe kanti ngesikhathi amaphoyisa efika lapho abahlala khona athole kukhiyiwe. Agqekeze umnyango athola isidumbu ebese siqala ukubola,” kusho uMaiyo.
Omunye umsubathi uChristine Kambua uthe ubengazi ukuthi uMutua unesoka.
“Bengingazi ukuthi unesoka lase-Ethiopia. Ubesanda kungitshela ngoyise wendodana yakhe ongowase-Kenya,” esho.
Kuthunyelwe amazwi enduduzo ngokushona kukaMutua obeseqophelweni eliphezulu emsebenzini wakhe.
Wawina i-Marrakesh Marathon ngasekupheleni kuka-2018 kanye ne-10km Casablanca Memorial ngawo lowo nyaka.
UMutua akakaze afinyelele kuma-Olympics kodwa waqhudelana kuma-Youth Olympics ayese-Singapore ngo-2010.
Umthombo wesithombe: @TheTimes