Everson Luhanga
Umsolwa oyingozi oboshelwe amacala okubulala uthunjwe ngamadoda amane abehlomile ngesikhathi ehanjiswa esibhedlela sase-Tembisa ephuma esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo eGoli.
Isiboshwa esilinde ukuqulwa kwamacala, uNdingwa Mabena, ubeboshwe ngamaketanga futhi enensimbi emlenzeni wakhe.
Isitatimende samaphoyisa sangaphakathi esibonwe i-Scrolla.Africa sithe izikhulu zophiko lwezokuhlunyeleliswa kwezimilo bezihambisa isiboshwa ukuyokwelashwa ngoLwesibili.
Ngesikhathi befika esibhedlela bamise imoto bahamba nesiboshwa ebesiboshwe umlenze.
“Ngesikhathi bedlula esangweni elikhulu lokuphuma, isiboshwa siye sabaleka saphuma ngesango saqonda kwi-silver-grey Colt double cab ebipakwe ngaphandle esibhedlela.”
Isitatimende sithe izikhulu zophiko lokuhlunyeleliswa kwezimilo zijahe isiboshwa. “Owesilisa udubule inhlamvu eyodwa ebhekise kwizikhulu kodwa wageja.”
Isiphithiphithi siye saqhubeka. “Omunye umlisa obehlome ngesibhamu udubule isikhulu emhlathini wangakwesokudla. Isiboshwa sigxumele kwi-double cab base bashaya imoto yazula,” kusho isitatimende.
Khonamanjalo, uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ukhiphe isitatimende unxusa noma ngubani ukuthi asize ukuthi kutholwe umsolwa osefunwa uthuli ngamaphoyisa.
Okhulumela i-DCS uSechaba Mphahlele uthe izikhulu ezimbili zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo zihlaselwe abathumbi ngesikhathi bephelezela isiboshwa ukuthi siyohlolwa esibhedlela sase-Tembisa. Uthe ngesikhathi kuqhubeka lesi siphithiphithi lezi zigilamkhuba zithumbe uMabena obeboshelwe icala lokubulala.
UMabena selokhu agcinwa esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo eGoli kusukela ngoNcwaba mhlaka-27 ngo-2021.