Lubhalwe nguNothando Makhubela
Amaphoyisa aseMpumalanga athungatha umshayeli weloli “onyamalale” ngesikhathi kutholakala i-cocaine engabiza u-R29.3 million elolini lakhe ebelingena emngceleni wakuleli wase-Lebombo lisuka e-Mozambique.
Kubikwa ukuthi izikhulu emngceleni, ebezisemsebenzini ngoMgqibelo zithole i-cocaine ifihlwe ngaphakathi elolini. Ngokwemibiko umshayeli ubalekile ngemuva kokusho ukuthi impahla yakhe “izinwele.”
I-cocaine ibigoqwe ngamaphakethe ayisishiyagalolunye ansundu futhi inesisindo esingu-200 kg.
Amaphoyisa aveze ukuthi umshayeli ungene echwebeni lokungena kuleli eshayela iloli elinezinombolo zokubhalisa zaseGoli.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala, uthe “Izikhulu bezimatasa ngesikhathi umshayeli enyonyoba ezenza sengathi uyoshayela umnikazi weloli ucingo.
“Unyamalale ngaphambi kokuthi izikhulu zithole isidakamizwa esisolwa ngokuba i-cocaine enesisindo esingu-200 kg sifihlwe elolini. Kokubili iloli nemithwalo kuthathiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”
Ngasekuqaleni kwesonto eledlule uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni uvakashele umngcele wase-Lebombo ukuyohlola amalungiselelo esikhathi samaholidi.
“Siyajabula ukuthi amaphoyisa enza umsebenzi omkhulu. Bonke ababambiqhaza bazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi isikhathi samaholidi asinabo ubugebengu – yingakho lena kuyimpumelelo enkulu,” esho.
Esithombeni esingenhla: Amaphakethe ayisishiyagalolunye e-cocaine engabiza u-R29.3 million ashaqwe emngceleni wase-Lebombo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe ngabakwa-SAPS