Kuthungathwa umkhumbi odukile e-Indonesia

Arthur Greene

Izwe lase-Indonesia liphelelwa yisikhathi sokuthola nokutakula amalungu angama-53 emkhumbini ohamba ngaphansi kolwandle, onyamalale ezintatha ngoLwesithathu ekuseni.

I-Indonesian Navy ithe lo mkhumbi usalelwe ngaphansi kwezinsuku ezintathu ‘ukuthi uphelelwe i-oksijini’.

Indawo yokugcina obonakale kuwo lomkhumbi i-KRI Nanggala-402 cishe ibe yi-100km enyakatho, ngasogwini lwesiqhingi sase-Indonesia, i-Bali lapho ocwile khona ngo-3.46 ekuseni (GMT).

Ngo-4 ekuseni umkhumbi ucele imvume yokwenza i-torpedo drill.

Kodwa ukuxhumana kwaphazamiseka okwaholela ekutheni i-Indonesian Navy imemezele ukuthi umkhumbi ulahlekile.

Abatakuli base-Australia nase-Singapore baluphendulile ucingo lwasolwandle lokucelwa kosizo, njengoba imikhumbi yezempi eyisithupha kanye nendiza enophephela emhlane benza umsebenzi omkhulu wokusesha nokutakula.

“Siyayazi le ndawo futhi ijule impela,” kusho u-Admiral Julius Widjojono etshela abezindaba ze-AFP.

Ngehora lesishiyagalombili ekuseni ngoLwesithathu kubonakale uwoyela usale endaweni lapho umkhumbi ucwile khona, okuyinto itilosi ethe ingakhombisa ukulimala kukaphethiloli noma ingaba uphawu losizo lwabasebenzi.

Kodwa i-navy ithi ayinakuqiniseka ukuthi uphethiloli uvela emkhunjini olahlekile.

Lo mkhumbi wakhiwa ngowe-1970, futhi ungomunye wemihlanu owawusetshenziswa yi-Indonesia. Okhulumela imikhumbi utshele i-BBC ukuthi kungokokuqala ngqa ukuthi i-Indonesia ilahlekelwe ngomunye wemikhumbi yayo ehamba ngaphansi kolwandle.

Ngowe-2017, umkhumbi wase-Argentina waduka eningizimu ye-Atlantic unabasebenzi abangama-44 ababegibele. Izicucu zawo zatholakala ngemuva konyaka futhi izikhulu zathi umkhumbi waqhuma.

Umthombo wesithombe: @Jatosint

Izihloko zakamuva