Kuthungathwa umfanyana obhalele umdlali webhola incwadi

Dylan Bettencourt

Umfanyana oneminyaka eyisithupha ubudala waseNgilandi uthumelele umdlali wakhe amthandayo we-Swindon Town incwadi ethi umama wakhe “akanamali yokudla” kodwa ufuna ukunikela ngo-R5.

Encwadini ayibhalele umdlali uHarry McKirdy, lo mfanyana uzibize ngoJoe kodwa akalishiyanga ikheli lakhe.

“UMama akanayo imali yokuza emidlalweni ye-Swindon ngoba akanayo imali yokudla futhi kufanele angikhokhele isidlo sami sasebusuku esikoleni,” kusho incwadi.

UJoe unike uMcKirdy isamba esingu-26p ngokunamathisela uhlamvu lwemali luka-20p, u-5p no-1p encwadini yakhe.

Ku-Twitter iqembu laseNgilandi lifake isicelo sokuthungatha umfanyana othe uMcKirdy ungumdlali amthanda kakhulu eqenjini.

Iqembu lithe lifuna ukuxhumana noJoe othe encwadini yakhe angathanda ukuvakashela inkundla yezemidlalo ngelinye ilanga.

Lo mbhalo waku-Twitter uye wasabalala ezinkundleni zokuxhumana futhi abantu abambalwa bafuna ukunikeza umndeni womfanayana usizo lwezezimali ngokusungula ikhasi le-JustGiving. Kuze kube manje imali eqoqiwe ingu-R20,000.

Umgadli uMcKirdy ujoyine leli qembu ngoNhlangulana nyakenye washaya igoli ngesikhathi i-Swindon ihlula i-Manchester City kwi-FA Cup.

Umthombo wesithombe: @SwindonAdvertiser

Scrolla World Cup Quiz