Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Usana olunezinyanga ezinhlanu ubudala u-Ivakele Yeko luntshontshwe ngemuva kokuthi olugadayo elishiye nowesifazane ongaziwa ngesikhathi eyothenga ukudla ngoMsombuluko.
Kusolakala ukuthi lona wesifazane ongaziwa ucele ukugada ingane nendodakazi kalowo ogada ingane eneminyaka eyisithupha ubudala ngesikhathi ogada ingane engena esitolo.
Lesi sigameko senzeke e-Somerset West, e-Western Cape.
Umama wengane u-Asanda Yeko (22) utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akalali ebusuku selokhu kuntshontshwe ingane yakhe.
“Ukungazi ukuthi indodana yami isaphila yini noma ishonile kuyangicindezela.”
Uthe ogada ingane umtshele ukuthi ubelinde isoka lakhe ngaphandle kwesitolo ngesikhathi kufika lona owesifazane ongaziwa. Ogada ingane ukhulume nomsolwa kanti engxoxweni yabo uye watshela umsolwa ukuthi ufuna ukuthenga ufishi nama-chips.
Umsolwa uye wacela ukugada ingane ngesikhathi ogada ingane engena ezitolo.
“Sikhuluma ngengane enezinyanga ezinhlanu lapha. Ngubani onengqondo ongashiya ingane nomuntu ongaziwa ekubeni sonke sazi ukuthi izingane ziyantshontshwa? Kungani kubelula kuyena ukuthi anike umuntu angamazi ingane yami?” kubuza umama wengane othukuthele ogane unwabu.
UYeko uthe usola ukuthi ogada ingane wazi ngaphezu kwalokhu amtshele khona kanye namaphoyisa.
Ogada ingane akazange amtshele uYeko ngokulahleka kwengane, kwaze kwaba uyabuya emsebenzini ngehora lesithupha ntambama.
“Bengiya emzini kalowo ogada ingane ngesikhathi ngimiswa iqulu labantu abebesethaveni. Bebengiduduza bethi ngizoyithola indodana yami isaphila nokuthi bayangithandazisa.”
Kusolakala ukuthi umsolwa ushiye ingane kalowo ogada ingane eneminyaka eyisithupha eduze kwendlu yakhe e-Strand, lapho okuhlala khona umama wengane nobeyigada.
“Uma obegada ingane engamazi umsolwa, ulazi kanjani pho ikheli lakhe? Ubezobaleka nazo zombili izingane ukube ubengumuntu angamazi.”
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uSayitsheni Wesley Twigg ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokuthumba.
Kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni ukuthi athinte umphenyi uKaputeni Trevor Nash ku-082 301 8910 noma athinte i-Crime Stop ku-08600 10111.
Abakwa-SAPS banikeze i-Scrolla.Africa imvume yokushicilela isithombe sika-Ivakele ukusiza ophenyweni lwabo.
Esithombeni esingenhla: U-Ivakele Yeko ontshontshwe ngoMsombuluko e-Somerset West
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe