Kuthungathwa owesifazane ontshontshe usana 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Isigebengu ebesizenza owesifazane okhulelwe sikhohlise uNomsa Khoza sathumba ingane yakhe enezinsuku ezintathu izelwe.

Manje uNomsa uyazisola ngokuthemba abantu kakhulu futhi uyazibuza ukuthi uyophinde ayiphathe ngezandla zakhe yini ingane yakhe uMilton.

Ukufaka usawoti esilondeni isigebengu siphendula umakhalekhukhwini esiwuntshontshe ngesikhathi sithumba ingane futhi sihlukumeza uNomsa.

UNomsa (26) uhlangane nesigebengu “esikhulelwe” ngaphandle kwasemtholampilo i-Phahameng e-Mamelodi East, e-Tshwane ngoLwesibili ngesonto eledlule.

UNomsa uthe owesifazane onesisu esikhulu umtshele ukuthi kusele izinsuku ezimbalwa abelethe.

“Ungitshele ukuthi udinga usizo lokuyokhipha imali esitolo ukuze akwazi ukuthengela ingane yakhe engakazalwa izingubo,” kusho uNomsa.

“Ngiye ngamtshela ukuthi nami ngingowase-Mozambique anginawo umazisi kodwa wangicela ukuthi ngihambe naye ngoba ubesezinhlungwini.

Ngesikhathi befika enxanxatheleni yezitolo i-Tshwane owesifazane umcele ukuthi angene esitolo esikhulu ukuze athole umuntu azosebenzisa umazisi wakhe ukukhipha imali.

“Ngimshiye nengane yami, isikhwama sengane kanye nesikhwama sami. Unogada uye wavuma ukungiboleka umazisi ukuze ngikhiphe imali kodwa ngesikhathi ngiyolanda inombolo yokukhipha imali yowesifazaneubengasabonwa nengane yami,” esho.

Uthe imizamo yonogada benxanxathela yezitolo yokubamba isigebengu ibhuntshile.

“Ngesikhathi owesifazane engatholakali siye sahamba sayobheka amakhamera onogada kodwa ubefake isigqoko nesifonyo asikwazanga ukubona ubuso bakhe,” esho.

“Ngishayele umakhalekhukhwini wami wawubamba. Uvele wathi khululeka sthandwa wavala ucingo. Uyagula loya mfazi. Angicabangi ukuthi ubezithwele.”

Uthe yize elivulile icala kodwa uhlezi eshayela umakhalekhukhwini wakhe nsuku zonke.

“Uyaluphendula ucingo kwesinye isikhathi luphendulwa ngowesilisa bangihleke bathi angikhululeke bangibize ngo-honey, ngosithandwa noma ngo-lovey,” esho.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Dimakatso Sello uthe sebephume umkhankaso wokuthungatha owesifazane okusolwa ukuthi webe ingane yomfana kunina wayo.

USello uthe umsolwa uneminyaka engaba ngu-30, unesiqu esimaphakathi futhi ukhuluma isi-Tsonga sase-Zimbabwe.

“Ugcine ukubonakala egqoke ama-leggings amnyama, ivesti elimnyama elinezimbali, isigqoko, isifonyo esimnyama kanye namaphaca,” kusho uSello.

Unxuse abantu ukuthi bangazishiyi izingane zabo kubantu abangabazi.

Unxuse noma ngubani ongaba nolwazi ngomsolwa noma usana oluntshontshiwe ukuthi athinte amaphoyisa kulezi zinombolo ezilandelayo: Umphenyi W/O Mosekwane: 071 675 6774, i-Mamelodi SAPS: 079 890 7469, i-Crime Stop: 0860 10 111 noma i-Crime line: 32211.

Esithombeni esingenhla:uNomsa Khoza umama wosana olulahlekile

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva