Dalphine Tagwireyi
Owake waboshwa ugcwele amathafa ngemuva kwezinsolo zokudubula abulale isithandwa sakhe kanye nodadewabo westhandwa sakhe omdala oyiphoyisa ngasekuqaleni kwenyanga eMpumalanga.
Amaphoyisa athungatha uRassie Nkuna (ovezwe esithombeni) ngemuva kokubaleka endaweni yesigameko kulandela ukudutshulwa kukaMarcia Mazibuko (43), nodadewabo uSayitsheni Pretty Mazibuko (42), ngomhlaka-15 kuNhlaba.
Okhulumela oKlebe eMpumalanga uKaputeni Dineo Lucy Sekgotodi uthe laba bobabili badutshulwe Kanyamazane kulandela ukungaboni ngasolinye phakathi kwezithandani.
“Kusolakala ukuthi kube nengxabano phakathi kwalomlisa noMarcia kanti kuthiwa udadewabo kaMarcia uSayitsheni Mazibuko uzamile ukudambisa isimo,” esho.
“Kusolakala ukuthi udubule uMarcia obephakathi kwe-BMW eluhlaza okwesibhakabhaka ngesikhathi ezama ukubaleka. Kuthiwa umsolwa ungene endlini wadubula iphoyisa elingusayitsheni ngaphambi kokuthi abaleke endaweni yesigameko.”
Ukaputeni uchaze ukuthi laba besifazane baphuthunyiswe emtholampilo oseduze, kodwa-ke, bobabili kuthiwe bashonile ngesikhathi befika.
Umsolwa ubaleke endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi abikwe emaphoyiseni kanti incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe isikhishwe inkantolo.
UTshidi Mapole, umphathi wezokuHlunyeleliswa kweziMilo eMpumalanga, e-Limpopo nase-North-West, ukuqinisekisile ukuthi uNkuna ungaphandle ngoshwele.
“Umsolwa waboshwa ngo-2015 wadonsa iminyaka eyisikhombisa kweyishumi ejele ngokutholakala nesibhamu nezinhlamvu… wabe esephuma ngoshwele ngoMasingana kulo nyaka. Ushwele bekumele uphele ngo-2023,” usho kanje etshela i-Scrolla.Africa.
Sekunokuqubuka okukhulu kodlame olwenziwa ngabagwetshiwe abakhishwe ngoshwele abenza amacala asabekayo njengoCollen Hlongwane, owatholwa enecala lokubulala okuyimanje uboshelwe icala lokubulala uBontle Mashiyane (6).
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, uSingabakho Nxumalo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uma sekusele izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuba ogwetshiwe aqedele isigwebo sakhe, i-Case Management Committee ivula uhlelo lukashwele ngaphandle kokubheka amacala enziwe.
“Lolu wuhlelo oluzenzakalelayo okusho ukuthi ogwetshiwe akumele afake isicelo ukuze anikezwe ushwele,” esho.