Kuthungathwa izigebengu ezithumbe umsebenzi wakwa-Eskom 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Ukuphepha kwabasebenzi bakwa-Eskom kusengozini kungakhathaliseki ukuthi basemsebenzini yini noma cha ngemuva kokuthi umsebenzi ethunjwe izinkabi eziyisikhombisa ekuqaleni kwale nyanga.

U-Eskom namaphoyisa bacela umphakathi ukuthi ubanikeze imininingwane engaholela ekuboshweni kwezigebengu eziyisikhombisa ezidubule kaningi emotweni yomsebenzi wakwa-Eskom ngaphambi kokumthumba.

Inkampani ephehla ugesi ithe lesi sigameko senzeke ngomhlaka-16 kuNdasa yengeza ngokuthi kamuva umsebenzi wayo “washiywa endaweni eseningizimu neGoli kwadingeka ukuthi angeniswe esibhedlela ngenxa yokulimala ngemuva kokuhlaselwa abasolwa.”

I-Acting Group Chief Executive uCalib Cassim uthe inkampani yeseka umsebenzi wayo nomndeni obekezelele lesi sigameko esibuhlungu.

“U-Eskom uyazigxeka izenzo zesihluku ezinjena futhi le nkampani ngeke nakancane ibekezelele ukuhlaselwa kwabasebenzi kanye nemindeni yabo,” kusho uCassim.

NgoMasingana lowo owayeyisikhulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter wadalula izinkinga zokuphepha kwa-Eskom wathi abanye abaphathi bemishini yakhe bagqoka amavesti avikela izinhlamvu emsebenzini futhi bebevikelwe ngonogada abahlomile.

Amakhosikazi nezingane bebeshiywa emsebenzini nasesikoleni ngonogada abahlomile ngenxa yezinkampani ebezizitapela u-R1 billion ngenyanga kwa-Eskom.

Uthe ubugebengu esiteshini sikagesi i-Tutuka eduze kwase-Standerton buye baphazamisa lolu hlelo kwaze kwafinyelela ekutheni ukutholakala kukagesi kube ngu-15%.

“Kukulesi siteshi lapho umphathi wemboni okwafaneleka ukuthi agqoke ivesti evimbela izinhlamvu nokuthi aphelezelwe ngonogada ababili njalo uma ehamba embonini.

“Unkosikazi wakhe uvikelwa ngonogada kanti uma izingane zakhe ziya esikoleni zivikelwa ngonogada. Lokhu kungenxa yezinsongo ezinziwe kuye nomndeni wakhe.

“Ubugebengu buseyingxenye enkulu eMpumalanga futhi budinga ukusukunyelwa ngokushesha,” kusho uDe Ruyter.

Esithombeni esingenhla: Abasebenzi bakwa-Eskom

Umthombo wesithombe: @EskomHoldings

Izihloko zakamuva