Kuthungathwa izigebengu eziphuce iphoyisa isibhamu 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abomthetho eKapa bebeyizisulu zokugebenga kuhlonyiwe ngoLwesithathu ngesikhathi abasolwa bentshontsha isibhamu sephoyisa likamasipala.

Lesi sigameko senzeke phambi kwamehlo amakhasimende abeye esitolo esikhulu e-Philippi ngemuva kokuthi amaphoyisa amise imoto ukuze anikeze umnikazi wayo inhlawulo ngokwephula umthetho womgwaqo.

Abasolwa basebenzise leli thuba kanti kusolakala ukuthi bagebenge la maphoyisa bathatha isibhamu nomshini ophathwayo kagesi abawusebenzisa uma befuna ukuhlawulisa abephule umthetho.

Ikhasimende elingathandanga ukudalulwa igama lichaze lesi sigameko njenge sishaqisayo lathi: “Ngesikhathi izigebengu zihamba zibheke kula maphoyisa bengicabanga ukuthi ziyontshontsha omakhalekhukhwini.”

Isakhamuzi uMnu Lonwabo Ngunze uzwakalise ukukhululeka ngokuthi akushonanga muntu ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Kudutshulwe kambalwa kuphela.

“Lena ngenye yezindawo ezimatasa kakhulu endaweni; noma ngubani ubengathinteka alahlekelwe impilo yakhe. Ngiyajabula ukuthi akufikanga lapho,” kusho uNgunze.

Ukholelwa ekutheni abasolwa bebekule ndawo bezobamba amakhasimende inkunzi ngesikhathi bebona amaphoyisa emisa imoto yohlobo lwe-Avanza. Ngesikhathi bebona nje ukuthi amaphoyisa amabili kuphela baye bathatha ithuba.

Abasolwa bavulele ngenhlamvu elinye lamaphoyisa ladubula inhlamvu eyodwa. Leli phoyisa lilimale esandleni, kanti okwamanje lithola ukwelashwa.

Ilungu leKomidi leMeya lezokuPhepha nokuVikela u-Alderman JP Smith ukugxekile lokhu kuhlasela. “UMnyango wamaPhoyisa kaMasipala uzoqinisekisa ukuthi amaphoyisa athola ukwelulekwa   ngohlelo lwawo lokusiza abasebenzi,” esho.

Isibhamu esintshontshiwe sitholwe emijondolo eseduze, kodwa abasolwa basagcwele amathafa.

Khonamanjalo, kunomehlokaboni ka-R5 000 kongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni nasekubuyiselweni kwalokho okuntshontshiwe.

Esithombeni esingenhla: Ilungu leKomidi leMeya lezokuPhepha nokuVikela u-Alderman JP Smith 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva