Kuthungathwa iziboshwa ezine ezeqe ejele

Kamogelo Olaitan

Amaphoyisa aseNorth West kanye noMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo baphume umkhankaso wokuthungatha iziboshwa ezine ezeqe e-Rooigrond Correctional Facility e-Mahikeng, e-North West NgoLwesibili.

Lezi ziboshwa ezine bezigwetshwe isikhathi eside futhi zithathwa njenge ziyingozi.

Umnyango uthe uma zibonwa lezi ziboshwa kufanele  imininingwane inikezwe isiteshi  samaphoyisa esiseduze futhi umphakathi akufanele uzame ukuzibamba.

Iziboshwa ngu-Alfred Gwambe ongowokudabuka e-Mozambique owalahlwa yicala lokugqekeza, ukweba nokutholakala nemoto yokwebiwa. Udonsa iminyaka engu-65.

UZacharia Francisco Nyalimate, naye ongowokudabuka e-Mozambique, udonsa iminyaka engu-27 ngecala lokugqekeza nelokubulala.

USiyabonga Sithole, waseNingizimu Afrika owalahlwa yicala lokudlwengula, ukweba nokugqekeza, udonsa udilikajele.

U-Edward Madiba, waseNingizimu Afrika owalahlwa yicala lokugebenga, ukutholakala nesibhamu, udonsa iminyaka engu-15.

“Uphenyo luzokwenziwa futhi izimo ezithinta ukweqa zizodalulwa uma sekuphothulwe izinhlelo,” kusho okhulumela umnyango uSingabakho Nxumalo.

Izihloko zakamuva