Kuthungathwa iziboshwa ezeqe ejele

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Iziboshwa ezingu-12 zeqe esiteshini samaphoyisa e-Komatipoort, eMpumalanga ngemuva kokuhlula amaphoyisa amabili abesemsebenzini kwalimala iphoyisa elilodwa.

Leli qembu lezigebengu liqhubekile lantshontsha izibhamu ezimbili ngaphambi kokuba leqe ngoMgqibelo ebusuku.

Abasolwa ababili abaneminyaka engu-27 nengu-34 ubudala sebephinde baboshwa ngemuva kokubanjwa emngceleni wase-Lebombo bezama ukuwelela e-Mozambique ngokungemthetho.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Donald Mdhluli, uthe ngemuva nje kokubaleka kwabo kube sekuqalwa ukuthungathwa abasolwa ababili uReginaldo Fulaho noNarsisco Julius Mavalela babanjwa ngamaphoyisa akwa-SAPS namalungu e-SANDF baphindiselwa ezitokisini zamaphoyisa.

UMdhluli uthe kusaphenywa ukuthi kwenzekeni esigamekweni sokweqa kweziboshwa.

Uthe amaphoyisa asathungatha abayishumi abasagcwele amathafa.

“UKhomishana wamaphoyisa akwa-SAPS eMpumalanga, uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela uvakashele lesi siteshi ngokushesha ngemuva kwesigameko waqoka ithimba eliholwa isikhulu esiphezulu ukuze lithole umnyombo mayelana nokuthi kwenzekeni,” esho.

Abasolwa abasagcwele amathafa uJoseph Ubisi (35), uJosiah Ndlovu (30), uRuben Macuacua (30), u-Amos Cossa (25), u-Ardemeto Madevu (18), u-Alsido Manique (24), uFrancisco Setoho (38), uFrance Baloi (29) kanye noSmanga Khoza (50).

“Phambilini abasolwa bebeboshelwe amacala ahlukene okubalwa kuwo elokudlwengula, elokweba, elokubamba inkunzi, elokuthumba, elokugebenga besebenzisa izibhamu, elokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe kanye nelokutholakala nezimoto okusolakala ukuthi zebiwe. Abasolwa bazophinde babhekane nelinye icala lokweqa esitokisini esisemthethweni,” kusho uMdhluli.

Ngenyanga edlule iziboshwa eziyisikhombisa zeqe ejele lase-Makhanda, e-Eastern Cape. Lezi ziboshwa zisebenzise isaha ukuze zinqamule izinsimbi zesitokisi sasejele. Abanye abeqe ejele lase-Makhanda basagcwele amathafa.

Esithombeni esigenhla:  U-Alsido Manique (24) 

Umthombo wesithombe: unikeziwe

Izihloko zakamuva