Kuthungathwa isigelekeqe kwelokuthumba intombazanyana (6)

Dalphine Tagwireyi

Amaphoyisa ase-Mpumalanga aphume umkhankaso wokuthungatha owesilisa (33) owagwetshwa amahlandla amabili uCollen Hlongwane osekuvele ukuthi uBontle Mashiyane oneminyaka eyisithupha odukile wagcina ukubonakala ekhuluma naye.

UBontle wanyamalala emzini wakubo osesigodini sase-Mganduzwane e-Mpumalanga ezinsukwini ezingu-13.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Mpumalanga uBrigadier uSelvy Mohlala uthe imininingwane abayitholile iveza ukuthi uBontle wagcina ukubonakala ekhuluma noHlongwane ngomhlaka-30 kuMbasa.

UHlongwane wagwetshwa okokuqala ngonhlangulana ngonyaka ka-2008 ngecala lokubulala nokutholakala nesibhamu ngesikhathi eneminyaka engu-19. Wadubula owesilisa eneminyaka engu-25 e-White River okwathi ngokuhamba kwesikhathi yashona.

UHlongwane ugwetshwe iminyaka eyishumi ngaleli cala, wadedelwa ngoshwele ngo-2013.

Ngesikhathi ephuma ngoshwele waphinde wabulala.

“UHlongwane waklinya owesifazane oneminyaka engu-20 wase-White River wagwetshwa iminyaka engu-12 ejele ngaleli cala,” kuchaza uMohlala.

Ngesikhathi edonsa isigwebo sakhe ngo-2019 uHlongwane weqa e-Barberton Medium A Correctional Centre kodwa waboshwa ngemuva kwezinsuku ezingu-14 e-White River. Amaphoyisa abambe uHlongwane kulandela ukulunywa indlebe ngamalungu omphakathi abeqaphile.

NgoZibandlela nyakenye uHlongwane waphinde wadedelwa ngoshwele. Muva nje kuthiwa ubethandana nowesifazane ongumakhelwane kaBontle, naye lowo wesifazane akaziwa ukuthi ukuphi.

UBrigadier Mohlala uthe amaphoyisa acela imininingwane ngokuthi ukuphi uHlongwane ngoba angase asize ophenyweni lwawo.

Ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni akathinte umseshi  uPretty Nsimba ku-072 103 4717 / 083 442 3403, noma ashayele ku-082 303 9798. Noma umphakathi ungathinta inombolo ye-Crime Stop ku-08600 10111 abanye bangathumela ulwazi nge-MySAPS APP.

Scrolla World Cup Quiz