Kuthungathwa abasolwa ngokubulala iphoyisa

Buziwe Nocuze

NgoMsombuluko uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uvakashele umndeni wephoyisa elidutshulwe eMfuleni, eKapa ngeledlule.

UNgqongqoshe uCele uthe uzolekelela umndeni ngamalungiselelo omngcwabo.

UCele uthe umnyango uvakashele umndeni ukuzowududuza.

UNgqongqoshe wamaphoyisa uthe umndeni uzonakekelwa ngoba leli phoyisa libulawe lisemsebenzini.

“Sisebenza kanzima ukuthola ukuthi ngubani owenze lokhu,” kusho uCele.

UWarrant Officer Siyakubonga Mphakathi udutshulwe engaphakathi emotweni yakhe esendleleni eya emsebenzini ngoLwesithathu olwedlule.

Uzakwabo kaMphakathi ubikele umndeni wakhe, ovele waya endaweni yesigameko. Ngesikhathi befika isidumbu sakhe besingaphakathi emotweni yakhe sinenxeba lokudutshulwa ebusweni nasemzimbeni.

Umfowabo kaWarrant Officer Mphakathi, uSibusiso uthe umndeni ubungalindele ukuthi uzovakashelwa uNgqongqoshe.

Ukwazi ukuthi bayasikhathalela kusho lukhulu ngalesi sikhathi esinzima, ukulahlekelwa ngumuntu onjengaye kubuhlungu kakhulu. Sizothola ukuthula ngemuva kokwazi isizathu sokumdubula,” kusho uSibusiso.

Umndeni kaMphakathi uqale wacabanga ukuthi mhlampe ubebanjwa inkunzi ngabantu abahlomile, kodwa bashaqekile ngesikhathi benikwa impahla yakhe etholwe endaweni yesigameko, okubalwa umakhalekhukhwini nesikhwama semali.

Manje bakholelwa ukuthi ukubulawa kwakhe bekuhlosiwe.

Ngokusho kukaCele bangaphezu kuka-90% abantu ababoshiwe ababulala amaphoyisa.

Unxuse umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa njengoba ekholwa wukuthi uma iphoyisa libulawa kusuke kukhona obone okuthile okuzomele aphumele obala.

USihlalo we-Community Policing Forum elokishini laseNyanga, uMnu Dumsani Qwave ukugxekile ukubulawa kwabantu.

Uthe obulala iphoyisa ucekela phansi umphakathi. Unxuse abantu ukuthi basebenzisane namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi umsolwa uyaboshwa.

UBrigadier Novela Potelwa uthe kuvulwe icala lokubulala ukuze kuphenywe, kanti abaseshi bophiko lwe-Directorate for Priority Crime Investigation bamatasa ngaleli cala.

Umthombo wesithombe: @TheSouthAfrican

Izihloko zakamuva