Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Limpopo athi aseqale umkhankaso omkhulu wokuthungatha abasolwa abathumbe izingane zesikole ezine ebeziya esikoleni ngaphandle kwase-Polokwane.
Amadodana amane kaNazim noShakira Moti aduke ngehora lesikhombisa ekuseni ngoLwesithathu, kusho ummeli womndeni uPhilip Smit etshela i-Polokwane Review.
Isitatimende samaphoyisa sithe uphenyo lokuqala lukhombisa ukuthi izingane – ezineminyaka eyisithupha, eyi-11, eyi-13 kanye neyi-15 – zithunjwe ngabasolwa abayisikhombisa abebehlomile abadubule izibhamu ngesikhathi behamba nezingane.
Umshayeli ohambisa izingane esikoleni uvinjwe izimoto ezimbili, i-Kia Sorento emhlophe ne-Mercedes-Benz emnyama.
“Abagibeli abayisikhombisa abebekulezi zimoto ezimbili, abebegqoke ama-ovaloli amhlophe behlile base beqala ukudubula,” kusho isitatimende samaphoyisa.
“Abasolwa babe sebephoqa izingane ezine ukuba zingene emotweni yabo yohlobo lwe-Mercedes-Benz base behamba nazo … bashiya umshayeli obekhathazekile endaweni yesigameko nemoto yakhe”.
Amaphoyisa athi isizathu asaziwa.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Thembi Hadebe uyena ohola uhlelo lokuthungatha abasolwa.
Amaphoyisa athi noma ngubani onolwazi mayelana nalesi sigameko kufanele axhumane nomphenyi wecala ngokushesha uKaputeni Ntlane Rasedile kule nombolo ethi-0825658566, kanye neye-crime stop ethi-0860010111 noma uye esiteshini samaphoyisa esiseduze noma kwi-MySAPSApp.