Kuthungathwa abasolwa abangu-12 abazame ukuhlasela indawo yamaphoyisa 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Babalelwa ku-12 abasolwa abebehlomile, abanye abebegqoke umfaniswano wamaphoyisa abahlasele onogada abebevikela izitolo zamaphoyisa ePitoli ngezithuba zabo-01:00 ngoMsombuluko ekuseni.

Bazume onogada babakhomba ngezibhamu. Bebehlose ukuntshontsha izibhamu nezinhlamvu ezigcinwe endaweni yamaphoyisa.

Kodwa izikhulu ezimbili eziqaphayo ezisemsebenzini zingenelele ukusindisa indawo. Amaqhawe azamile ukuvimba ukugetshengwa, kwase kuba nokudubulana. Wonke amasela akwazile ukubaleka nempahla yephoyisa ebelisendaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngokugcwele.

UBrigadier Mathe uthe uphenyo lokuqala lukhomba ukuthi amadoda abehlomile azenze amaphoyisa ngaphambi kokuhlula onogada babahlasela.

Ngesikhathi amaphoyisa amabili abesemsebenzini ehlola indawo, aphendule kulesi sigameko kwadutshulwana. Kudutshulwe elinye lamaphoyisa elinguConstable kwathi abasolwa abebehlomile babaleka endaweni yesigameko nesibhamu salo somsebenzi, okhiye bemoto, ikhadi likaphethiloli kanye nemali engu-R145.

“Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha okungenani abasolwa abangu-12 abazame ukungena ebhilidini lamaphoyisa ePitoli,” kusho uMathe, wengeza ngokuthi abasolwa bebehamba ngeveni emhlophe yohlobo lwe-Ford Ranger.

Imbangela yokuzama ukungena kuleli bhilidi isaphenywa. “Amaphoyisa abeqaphile avimbe imizamo yokungena kuleli bhilidi. Ngesikhathi bebhekana ngeziqu zamehlo, omunye wamalungu oyiphoyisa udutshulwe walimala ngesikhathi ehlaselwa. Uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo. Akukho okuthathiwe noma okuntshontshiwe kuleli bhilidi.”

Uthe uKhomishana kazwelonke uGeneral Fannie Masemola ukuncomile ukuqapha kwamaphoyisa abesemsebenzini ngokuphazamisa umzamo wokungena ebhilidini lamaphoyisa e-SAPS ePitoli.

“UGeneral Masemola useyile esibhedlela ukuyovakashela leli lungu ngemuva kokudutshulwa ngesikhathi ehilizisana nabalisa okungenani abangu-12 abebehlomile.

“Kubhaliswe icala lokubamba inkunzi ibhizinisi, ukuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla nokuzenza iphoyisa.”

Uthe kuthungathwa abathintekayo kulesi sigameko.

UMathe uthe amaphoyisa aphinde axwayisa umphakathi ukuthi ungasabalalisi imibiko engamanga nedukisayo ngalesi sigameko. Awukho umfaniswano wamaphoyisa owebiwe ngesikhathi sesigameko.

Izihloko zakamuva