Amaphoyisa ase-Free State athungatha abasolwa ababhekene necala lokudubula abashayeli bamaloli nokushisa amaloli amahlanu ngoMgqibelo ebusuku.
Kuyinto yakamuva ochungechungeni lokuhlaselwa okufanayo ngemuva kokushiswa kwamaloli angama-20 muva nje.
Abashayeli bathe ngoMgqibelo ebusuku, iloli liqhunyiswe ngophethiloli kwaphoqeleka ukuthi lime emgwaqeni u-R59 ngase-Parys nase-Sasolburg, livimbe umgwaqo. Kusolwa ukuthi kudutshulwe amanye amaloli kwaphoqeleka ukuthi ame.
Abashayeli babalekele ehlathinii eliseduze base abasolwa bashisa amanye amaloli amane. UMnyango Wezomlilo wase-Sasolburg wazama ukucima amalangabu kamuva.
Isizathu salokhu kuhlasela siyaphenywa kanti okwamanje akukaboshwa muntu.
Abashayeli bamaloli belashelwe ukwethuka esibhedlela i-Parys District Hospital.
Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nemininingwane ukuthi athinte u-Detective Warrant Officer Freddie Nel ku-083 756 7977, ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111, noma athumele imininingwane nge-MySaps App.
Isakhamuzi saseSasolburg nesisebenza epulazini uFrans Molemi uthe, lokhu kuhlasela kushaya imboni yezokudla.
Utshele abakwa-Scrolla.Africa: “Ngisebenza emapulazini futhi amaloli ayasiza ngokulethwa kokudla nezinye izinto ezibalulekile. Angazi ukuthi kungani abahlali behlasele amaloli kodwa ngifisa ukuthi babone ukuthi abakwenzayo kuzoba kubi nakubo.”
Abashayeli bamaloli babhale ngalesi sigameko ekhasini le-Facebook le-SA Long-distance Truckers bathi: “Kushe amanye amaloli amahlanu izolo ebusuku. Kushe amaloli angama-20 ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Ngabe ukhona obambe iqhaza? Ingabe zikhona izinkampani ezithile okubhekiswe kuzo? Kungani uNgqongqoshe wezamaPhoyisa kanye noNgqongqoshe wezokuThutha bethule kangaka?”
Kusolwa ukuthi kunencwadi etholwa ngabashayeli bamaloli ethi, ngeke bangene emgwaqeni kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesithathu.