Kuthungathwa abasolwa abagebenge imoto yemali eDaveyton

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

I-Daveyton okuyidolobha elidume ngezenzo zobugebengu liphinde lahlaselwa udlame ngesikhathi kubulawa abantu ababili abangenacala esigamekweni sokuphangwa kwemoto yemali.

Abashonile badutshulwe besendleleni eya emsebenzini. Umphakathini waseChief A Luthuli Park uvuswe ukuqhuma kweziqhumane kanye nezibhamu ngezithuba zehora lesikhombisa ngoLwesithathu ekuseni.

Ngokusho kofakazi lesi simo besifana “nendawo yezimpi” njengoba bekukhala izibhamu emotweni egada imali i-Fidelity Services Group ngesikhathi imoto yohlobo lwe-BMW ibhekise amasondo phezulu ivutha amalangabi. “Bekufana nokubukela ifilimu,” kusho esinye isakhamuzi.

Abebebukela bathi ngesikhathi imoto yemali isendleleni imoto yohlobo lwe-Sedan ebishayelwa abasolwa iye yayishayisa yayikhipha emgwaqeni.

Ngemuva kokuthi imoto yemali ime abasolwa baqhumise izicabha zayo ngeziqhunane. Akukacaci ukuthi yiziphi iziqhumane ezisetshenzisiwe, kanti abakwa-SAPS bahlanganise ongoti babo bezindawo zobugebengu okuhlanganisa nophiko lwamabhomu lakwa-SAPS ukuthi baphenye.

Ukuqhuma kulandelwe umsindo wokuqhuma kwesibhamu phakathi konogada bemoto yemali kanye nequlu labasolwa abebehlome ngezibhamu.

Okhulumela amaphoyisa kazwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe abasolwa babaleke nesamba semali esingadalulwanga bashiya isiphithiphithi nokwesaba.

Ngemuva kwalesi sigameko izakhamizi zizithole sezigijima nganxa zonke ukuze ziphephe, kanti ezinye ziye zalimela ngokuwa phansi ngesikhathi zizama ukubaleka.

Yize kunemibiko yokuthi izisulu ezimbili zishonele endaweni yesigameko, uyedwa kuphela oshonele endaweni yesigameko ngesikhathi omunye ephuthunyiswa esibhedlela i-Far East. Ngeshwa kubikwe ukuthi isisulu sishone ngesikhathi sifika esibhedlela.

Lesi sigameko sikhomba olunye uxhaxha lwezigameko zobugebengu ezihlasele endaweni yase-Daveyton njengoba izigebengu zikhungathekisa idolobha lonke.

UMnyango wamaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (EMPD) ukuqinisekisile ukuthi unogada obeyingxenye yale mpi uthole amanxeba okudutshulwa wabe esephuthunyiswa kwesinye isibhedlela ukuze athole ukwelashwa.

Amaphoyisa asezitholile izimoto ezintathu ezibalekile okukhona kuzo i-BMW sedan esagolide, i-Sedan esiliva kanye ne-Audi A1 emhlophe.

Kuphinde kwathunyelwa ithimba lezinhlaka ezahlukene ukuyothungatha abasolwa abahlomile.

Njengoba ithimba lamaphoyisa akwa-SAPS kanye nezinye iziphathimandla beqoqa ubufakazi endaweni yesigameko, abashayeli bezimoto kanye nezakhamizi baye belulekwa ngokuthi baqhele emgwaqeni u-Pumfontein.

Udlame lwase-Daveyton alukhombisi zimpawu zokwehla futhi izakhamizi zihlala ngokwesaba zizibuza ukuthi ukuhlasela okulandelayo kuzokwenzeka nini.

Esithombeni esingenhla: Imoto yohlobo lwe-BMW sedan evutha amalangabi (ngenhla); Imoto yemali iqhunyiswe yavuleka (ngezansi)

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva