Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa kuzwelonke aphume umkhankaso wokuthungatha abantu ababalelwa ku-15 abagasele ebhilidini le-Independent Electoral Commission (IEC) e-Booysens, eningizimu yeGoli ngoLwesibili ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi, nakuba kungathathwanga lutho ebhilidini kodwa kuvulwe icala lokusabisa okwenziwe yilesi sixuku.
UMathe uthe leli qeqebana lifike ebhilidini lizenza izikhulu ze-IEC. Lifune ukungena ebhilidini okugcinwa kulo amaphepha okuvota.
Bathe bafuna ukwenza isiqiniseko sokuthi wonke amaphepha okuvota abaliwe.
“Siyawacubungula wonke amakhamera, nobufakazi bonke esinabo ukuze kubanjwe labo abenze lesi sigameko sokusabisa esenzeke ebhilidini le-IEC e-Booysens,” kusho uMathe.
“Amaphoyisa aphenya inhloso yalesi sixuku nokuthi bebengobani labantu.”
“Besilokhu sithatha izitatimende kofakazi futhi simatasatasa sibheka amavidiyo ekhamera ukuze sithole umkhondo walaba bantu. Uphenyo lokuqala luthi abanye bebegqoke imfaniswano yeqembu.”
I-Scrolla.Afrika ishicelele lolu daba futhi ingakuqinisekisa ukuthi iqeqebana lamalungu oMkhonto weSizwe (MK) yiwo abeseka lokho amaphoyisa asekuchaze njengesenzo sokwesabisa ebhilidini le-IEC eGoli.
I-Scrolla.Africa ibike ukuthi kudingeke ukuthi kubizwe amaphoyisa azohlakaza isixuku ebesibukeka sizimisele ngokungena ngendluzula emahhovisi e-IEC e-Booysens https://izindaba.scrolla.africa/ezingena-manje-amalungu-e-mk-azame-ukungena-ngendluzula-emahhovisi-e-iec/
Amaphoyisa akwazile ukulawula isimo. “Isimo silawulekile futhi amaphoyisa atshale abasebenzi abenele.”
UZuma ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngeSonto. “Uthe bethule ubufakazi obubambekayo kwa-IEC obukhombisa ukuthi kukhona okungahambi kahle ohlelweni lokuvota kodwa ukukhathazeka kwabo sekuwele ezindlebeni ezingezwa.”
Iqembu leMK lidube ukuhlala okokuqala kwePhalamende ngoLwesihlanu olwedlule kodwa lahambela umhlangano wokuqala wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Iqembu lithole amavoti angaphezu kuka-45% eKZN kanye no-15% wezihlalo ePhalamende likazwelonke kodwa lisaqhubeka nokusho ukuthi lirojiwe.
Amaphoyisa atshale uphiko olukhethekile KwaZulu-Natal ezindaweni asola ukuthi yizona ezinodlame ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa amavoti.
Esithombeni ngenhla: Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe.
Umthombo: SAPS
