Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umphakathi waseGugulethu awungabazi ukuthi isigameko sokudubula esishiye abantu abathathu beshonile ngeSonto ebusuku sihlobene namaqembu ezigelekeqe.
UZameka Zweni (39) ubesendleleni ebheke ekhaya ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu. “Angikaze ngizwe izibhamu ziqhuma kaningi kangaka empilweni yami ngaphandle uma ngibuka amafilimu futhi angikakholwa ukuthi bekwenzeka ngampela.”
Ubefuna ukuyobheka ukuthi ubani odutshuliwe kodwa uye wasaba ukuthi engadutshulwa inhlamvu engaqondile kuye.
“Ngibalekile ngayocasha endlini eseduze nenxanxathela yezitolo. Ngesikhathi ukuqhuma kwezibhamu sekuthule ngihambile ngayobheka ukuthi ubani obedutshulwa.”
Akazange amangale ngesikhathi ebona abantu ababili bedindilizile beshonile.
“Abesilisa ababili bashonele ngaphakathi emotweni omunye waphuthunyiswa esibhedlela.”
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa igama licabanga ukuthi lesi sigameko sihlobene nemali yokuvikela. “Ngizwe abantu bekusho lokho futhi sonke siyazi ukuthi uma kwenzeka into efana nalena endaweni yethu kungaba izidakamizwa noma imali yokuzivikela.”
Futhi njengoba sekuqalile bathi kuzoqhubeka nokwenzeka.
“Wonke umuntu ufuna imali yamahhala, kodwa bayalwa ekugcineni. Angazi ukuthi kungani. Isiphetho asisihle futhi ngifisa sengathi uhulumeni wethu angenza okuthile ukuqeda imali yokuvikela.”
Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sifika endaweni yesigameko abezobunhloli bebematasa. Kutholwe izinhlamvu ezingaphezu kuka-40.
ULonwabo Tyeku ubekhululekile ngokuthi lesi sigameko senzeke ngempelasonto.
“Lowo mgwaqo umatasatasa. Uma kuwukuthi lokhu bekwenzeka phakathi nesonto abantu abaningi abangenacala bebengathinteka ngento abangazi lutho ngayo.”
Uthe le ndawo isinezimpi muva nje futhi abantu bashona njengezimpukane.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western, Cape uBrigadier Novela Potelwa uthe kuvulwe idokodo lokubulala ukuze kuphenywe ngemuva kokudutshulwa kwabesilisa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-28 no-30 ubudala ngeSonto ebusuku.
“Imibiko evela endaweni yesigameko iveza ukuthi imoto yabashonile abebehamba ngayo ibisanda kungena ku-NY6 ngesikhathi ihlaselwa izinkabi ezingaziwa ezibaleke ngenye imoto.”
Izisulu ezimbili zishonele endaweni yesigameko, kwathi esesithathu sashonela esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba amabi okudutshulwa esigamekweni sokudubula. Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngesigameko sokudubula ukuthi athinte amaphoyisa ku-08600 10111 noma athumele i-MYSAPSApp. Ulwazi olutholiwe luzosingathwa ngobumfihlo obukhulu.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ophiko lwezobunhloli kanye namaphoyisa elokishi laseGugulethu aqoqa ubufakazi endaweni yesigameko.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze