Lubhalwe nguLungani Zungu
Abantu ababili basadukile esifundazweni saKwaZulu-Natal esikhahlanyezwa izikhukhula enamandla ezishiye umonakalo ezindaweni eziningi.
NgeSonto emini bekusathungathwa umfundi (17) ofunda ibanga lesi-11 oguguleke eNdumo eNgwavuma enyakatho neKwaZulu-Natal.
Umshayeli okuguguleke imoto yakhe emgwaqeni iNkatha eMtubatuba naye akakatholakali.
Abantu abaningi basale dengwane eMkhanyakude, e-Newcastle naseMhlathuze (Richards Bay) kulandela ukuphazamisa kwemvula eqale ukuna ngoLwesine ngeledlule.
Abasebenzi nezingane zesikole eNkandla abakwazanga ukuya ezindaweni abafunda kuzo ngeledlule ngemuva kokuthi ibhuloho eliphansi emfuleni uThukela limbozwe amanzi izinsuku eziningi.
Yize kungakaze kubikwe izigameko zokushona kwabantu, eGoli, e-Limpopo kanye naseMpumalanga kube nomonakalo ofanayo.
Abantu ezifundazweni zonkana bayaqhubeka nokuthumela izithombe zezindlu ezigcwele amanzi nempahla ecekeleke phansi okuhlanganisa nezimpahla zabo nefenisha. Amabhuloho ezingxenyeni zezifundazwe nawo aceleleke phansi.
Njengoba kulindeleke ukuthi imvula iqhubeke isonto lonke ezindaweni eziningi zezwe, uhulumeni usexwayise izakhamizi ukuthi ziqaphe ngaso sonke isikhathi.
I-South African Weather Services ikhiphe isexwayiso ezindaweni eziningi zase-Limpopo naKwaZulu-Natal esikhomba ukuthi kungenzeka kube nezikhukhula ezingaba ingozi ezimpilweni zabantu kuleli sonto elizayo.
Lokhu kungase kuholele ekubhidlikeni kodaka, amadwala kanye nokubhodloka kodonga lwamadamu angawodwa, kuxwayisa abezimo zezulu.
Imvula ephazamisayo manje isiba into ejwayelekile ezifundazweni eziningi.
NgoMbasa nyakenye bangaphezu kuka-440 abashona ngesikhathi abaningi besala dengwane ngemuva kwezikhukhula ezahlasela KwaZulu-Natal nakwezinye izingxenye ze-Eastern Cape.
Izisulu eziningi zisaphila ngaphansi kwezimo ezimbi ezikhungweni zikahulumeni ezabekwa kuzo.
Khonamanjalo, kushone abantu abane eningizimu ye-Mozambique kulandela imvula enganqamuki, kusho abezinhlekelele kuleliya lizwe ngempelasonto.
Esithombeni esingenhla: Izikhukhula zaKwaZulu-Natal eziqhubekayo nokwenza umonakalo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe