Kutholwe umzimba wowashona eminyakeni eyizinkulungwane eyedlule

Abacwaningi bezinto zasendulo base-Egypt bathole amathambo omuntu omdala oneminyaka engu-4 300  futhi bathi kungenzeka ukuthi lamathambo madala kunawo wonke aseke bawathola.

Umholi walaba cwaningi  uthe bathole amathambo omuntu obhandishiwe amadala kakhulu futhi aphelele okwenza ahluke kunawo wonke aseke bawathola e-Egypt.

UZahi Hawass owayenguNgqongqoshe wezinto zakudala e-Egypt, esitatimendeni ngoLwesine uthe amathambo kucatshangwa ukuthi ngawomuntu wesilisa okuthiwa uHekashepes.

UHawass esitatimendeni uthe amathambo abukeka eneminyaka engu-4,300 ubudala, atholwe ngabacwaningi ethuneni lasendulo eduze kwase-Cairo emndenini wesihlanu nowesithupha wakuleliya lizwe.

UHawass utshele izintatheli endaweni okumbiwe kuyo ukuthi wafaka ikhanda lakhe ngaphakathi ukuze abone ukuthi yini engaphakathi kule-sarcophagus.

“Ngibona umuntu obhandishiwe ovalwe ngezinto ezinegolide,” kusho uHawass etshela izintatheli.

Amathambo aseneminyaka eyikhulu ubudala atholakale ngaphansi komgodi ongamamitha angu-15 eduze kwe-Step Pyramid, e-Necropolis yase-Saqqara okuyindawo yamagugu omhlaba e-UNESCO.

I-Saqqara indawo enhle egcwele umsebenzi omuhle wobuciko bokwakha”, itholakala e-Memphis enkabeni yedolobha lokuqala lase-Egypt.

Omunye wabacwaningi osethimbeni  labambayo uthe lezi zinto ezitholakele zibaluleke kakhulu njengoba zixhumanisa amakhosi nabantu abahlala eduze kwawo, kubika i-BBC.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto ososayensi “bavule ngedijithali umzimba womuntu ombozwe ngegolide futhi kubukeka eneminyaka engu-4,300 besebenzisa ama-CT scan.

Ama-scans embule ulwazi olusha lokuthi abantu basendulo babezisebenzisa kanjani iziphandla eziyigugu ukuze bavikele abafileyo.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe ngenhla: Hekashepes

Umthombo wesithombe: @AncientEgyptArt

Izihloko zakamuva