Kutholwe izidumbu zezingane okusolwa ukuthi zaphoqelelwa ukuzila ukudla

Uphenyo lwamaphoyisa ngalokho okubonakala njengokuzibulala kwabantu abaningi luholele ekutholakaleni kwezidumbu ezingu-201 ehlathini elise-Southeastern e-Kenya.

Kuvele imniningwane mayelana nezinsuku zokugcina ezesabekayo zohlelo lobuKristu lapho izingane kuthiwa zaziyizisulu zokuqala zendlala.

Imibiko isikisela ukuthi amakholwa ayenesiqiniseko ngokuthi angafika ngokushesha ezulwini uma bezila ukudla.

Engxoxweni ne-New York Times, owayengumshumayeli waleli hlelo uTitus Katana udalule ukuthi abantwana babengabokuqala abanikelwa, baphoqeleka ukuba bazile ukudla ngaphansi kwelanga elishisayo ukuze kusheshiswe ukubhubha kwabo.

UKatana, osesiza amaphoyisa ophenyweni lwawo uphinde wadalula ephephandabeni i-Sunday Times ngokuphathwa kabi kwalezi zingane, wathi zazivalelwe emaqhugwaneni angenakudla namanzi izinsuku ezinhlanu ezibuhlungu ngaphambi kokuba zisongwe ngezingubo zokulala zigqitshwe. Noma abanye bebesaphefumula.

Ukuhlolwa kwesidumbu okusemthethweni kwezinye zezidumbu ezitholwe epulazini elikhulu i-Shakahola, eliseduzane nedolobha elisogwini e-Malindi kutholakale izimpawu zendlala, ukuqunjelwa kanye nokuhlukunyezwa ngokomzimba.

Njengamanje bangaphezu kuka-600 ngokusobala abangamalungu ohlelo oluholwa uMfundisi uPaul Mackenzie, abalahlekile.

UMackenzie, okumanje ovalelwe amaphoyisa uthi walivala ibandla lakhe i-Good News International Church eminyakeni emine edlule ngemuva kokusebenza cishe iminyaka engamashumi amabili.

Engxoxweni abe nayo nephephandaba lase-Kenya i-Daily Nation muva nje, uziphikile izinsolo zokuthi waphoqa abalandeli bakhe ukuthi bazile ukudla bazibulale ngendlala.

Noma kunjalo, uKatana udalule ukuthi uMackenzie washumayela ngokumelene nemfundo, eyibiza ngokuthi inobusathane futhi ecaphuna “isambulo esivela kuNkulunkulu” njengobufakazi.

Ugqugquzele ukuthi kungafunwa usizo lwezempilo ngesikhathi sokubeletha futhi weluleka nokungagonywakwezingane. Eziningi zezintshumayelo zakhe zazigxile ekugcwalisekeni kweziprofetho zeBhayibheli eziphathelene nosuku lokwahlulela.

Okuqukethwe ku-inthanethi ekhasini labo kuphinde kube nokuthunyelwe okuxoxa ngokuphela komhlaba, inhlekelele eseduze kanye nezinsolo eziyingozi zesayensi. Izixwayiso ezivamile mayelana namandla kaSathane angena ezindaweni eziphakeme emhlabeni wonke.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Izidumbu ezikhishwe emathuneni angashoni

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva