Izidumbu zabantu abangu-27 okusolakala ukuthi badabuka e-Ethiopia nokuthi bebelibangise kuleli zitholwe eceleni komgwaqo endaweni yase-Ngwerere e-Lusaka, e-Zambia.
Okhulumela amaphoyisa uDanny Mwale utshele i-BBC ukuthi kungenzeka laba balisa baphelelwe umoya bashona ngesikhathi besendleleni, kanti oyedwa osindile utholakale esezophelelwe umoya ngeSonto ekuseni.
La madoda atholakale nezincwadi zase-Ethiopia.
“Uphenyo lwethu lokuqala lukhomba ukuthi isibalo sabantu abangu-28, bonke abesilisa abaneminyaka ephakathi kwengu-20 kuya kwengu-38 balahlwe ngabantu abangaziwa e-Meanwood Nkhosi eduze nomgwaqo u-Chiminuka endaweni yase-Ngwerere,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Izidumbu ziyiswe emakhazeni ase-Zambia.
NgoMfumfu kutholakale amadoda angu-25 engcwatshwe ethuneni elilodwa e-Malawi. Kuboshwe usingandodana kalowo owayenguMengameli uPeter Mutharika mayelana nokutholwa kwalezo zidumbu.
Izidumbu bekungezabafana nabesilisa okukholakala ukuthi badabuka e-Ethiopia nokuthi bebeshushumbiselwa kuleli.
Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan