Kutholwe izidumbu ezintathu okusolakala ukuthi ezamaphoyisa aduke elibangise e-Limpopo

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa amathathu aduke ngoLwesithathu olwedlule ephuma e-Bloemfontein elibangise eLimpopo lapho abejutshwe khona.

Izidumbu ezimbili sezihlonziwe, isidumbu sesithathu nemoto yohlobo lwe-VW Polo kutholwe emgwaqeni onguthelawayeka u-N1.

Amaphoyisa athole izidumbu okukholakala ukuthi ngezamaphoyisa amathathu aduka elibangise ePolokwane.

Yize amaphoyisa engakaqinisekisi izidumbu ukuthi ngezamaphoyisa alahlekile, eminye imibiko yabezindaba ithe yizo.

Amaphoyisa athe imindeni isendleleni eya endaweni yesigameko, nosonhlalakahle nabefundisi.

I-EWN ibike ukuthi izidumbu ezimbili sezihlonziwe.

Amaphoyisa aphinde athola isidumbu sesithathu nemoto yohlobo lwe-VW Polo emhlophe la maphoyisa abehamba ngayo. Imoto kanye nendawo yesigameko bekubiyelwe emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 ngoLwesibili ekuseni.

NgoLwesithathu olwedlule, uConstable Cebekhulu Linda, uKeamogetswe Buys noBoipelo Senoge baduka besuka e-Bloemfontein beya endaweni abebejutshwe kuyo e-Limpopo.

NgoMgqibelo, uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, ukhiphe umehlokaboni ka-R350 000 kunoma yiluphi ulwazi olungasiza ekutholakaleni kwabo.

Kusaphenywa ngendawo yesigameko.

Lena indaba ethuthukayo.

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe ngabe-SAPS

Izihloko zakamuva