
Arthur Greene
Abatakuli sebethole izidumbu ezine ngesikhathi kuthungathwa abasebenzi abayisishiyagalombili abebevaleleke emayini i-Perkoa Zinc e-Burkina Faso eyagcwala amanzi ezikhukhula ngomhlaka-16 kunyas.
Abasebenzi abane abasele abakatholakali, kodwa okwamanje abatakuli banalo ithemba elincane lokuthi bayaphila.
Ngomhlaka-17 kuNhlaba, abatakuli bafike endaweni yokuhlenga engamamitha angu-570 ngaphansi komhlaba, lapho abebenethemba lokuthi bazobathola khona abasebenzi, ngokombiko we-Reuters.
Okubadumazile ukuthi bafice igumbi lingenalutho; amashalufu alo okudla namanzi kungathintwanga.
Okhulumela uhulumeni wase-Burkina uLionel Bilgo ukuqinisekisile ukutholwa kwezidumbu ezine esitatimendeni ngoLwesithathu.
“Ngeshwa, ngemuva kwezinsuku ezingu-39 zocwaningo olunzulu, kutholakale izidumbu ezine zabasebenzi basemayini,” esho.
Ngasekuqaleni kwale nyanga, iNingizimu Afrika ithumele amaphampu ezweni eliseNtshonalanga ye-Afrika ukuyosiza emizamweni yokuhlenga.