Kutholwe isidumbu sowesifazane endlini yangasese yomgodi

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Umndeni wasesigodini sase-Vonqo, e-Dutywa, e-Eastern Cape ufuna ubulungiswa ngemuva kokuthi kutholakale ilungu lawo libulewe isidumbu salo siphoswe endlini yangasese yomgodi.

UCeliwe Dubula utholwe endlini yangasese yomgodi engasasebenzi enamanxeba okuklinywa emphinjeni elimele nasekhanda ngemuva kokunyamalala isonto lonke. Ugcine ukubonakala nesoka lakhe ezinsukwini ngaphambi kokunyamalala kwakhe.

Umama wezingane ezintathu (37) owondla umndeni wakhe uye ukuyovakashela isoka lakhe futhi kamuva ngalobo busuku uye wathumela imiyalezo emndenini wakhe ngo-WhatsApp ewutshela ukuthi isoka lakhe limshayile.

Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo ngomhlaka-29 kuMbasa kodwa umndeni uqale ukuthuka ngesikhathi uCeliwe engabuyi ekhaya ngeSonto.

Udadewabo uPindwa Dubula ukhulume ne-Scrolla.Africa.

“Ngesikhathi umndeni ubuza isoka lakhe agcine ukubonakala nalo lisitshele ukuthi uCeliwe uhambe ngakusasa ekuseni ngehora lesithathu futhi yilokho kuphela elikwaziyo.

“Siyazibuza ukuthi njengoba kunguyena ogcine ukumbona kungani engazange asithinte uma uCeliwe engamazisi ngokufika kwakhe ekhaya?” ebuza.

Umndeni uqale umkhankaso wokuthungatha othandiweyo wawo wazulazula kuso sonke isigodi. Ngemuva kwesikhathi bathole into esabekayo.

“Ngemuva kokuthi amaphoyisa afike kule ndawo kubizwe ithimba le-forensic kodwa bebesaba ukungena phakathi ukumkhipha kuze kwasiza amadoda asesigodini anikezwe izingubo zokuzivikela ukuze akhiphe isidumbu sakhe.

“Ubenezibazi zokuklinywa emphinjeni, amanxeba emzimbeni, elimele ekhanda futhi engagqokile izingubo zangaphansi,” kusho uDubula.

I-Scrolla.Africa siphinde sakhuluma nomholi wendabuko wendawo iNkosi uSandla Sisul.

“Lesi sigameko ngesokuqala kulesi sigodi. Abafana balapha banenkinga yotshwala nezidakamizwa kodwa akukenzeki lutho lapha olufana nalokhu ngaphambilini. Abantu bakule ndawo bakhungathekile ikakhulukazi njengoba kungase kube khona umbulali ozulazula endaweni,” esho.

Umndeni uthe icala livulwe esiteshini samaphoyisa e-Dutywa mhla ziyisikhombisa kuNhlaba. UCeliwe uzofihlwa ngeSonto ngomhlaka-21 kuNhlaba.

Esithombeni esingenhla: UCeliwe Dubula utholwe ebulewe endlini yangasese yomgodi ekuqaleni kwale nyanga

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva