
Doreen Mokgolo
Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-36 ngecala lokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sigqitshwe egcekeni.
Isidumbu sentombazanyana eneminyaka engu-16 ubudala besigqitshwe egcekeni e-Tsakani e-Ekurhuleni, simbozwe ngengubo safakwa kuplasitiki kadoti.
Umakhelwane oshaqekile, uMnu uMartin Nkomo, uthe umsolwa wafika kuyena emasontweni amabili edlule ezofuna usizo ethi udinga ukumba umgodi egcekeni lakhe.
Intombazanyana uNeo Mahlangu, kwabikwa ukuthi idukile esiteshini samaphoyisa e-Tsakani ngomhlaka-24 kuNdasa, evakashele ubabekazi wakhe ngesikhathi samaholidi.
Imibiko iveza ukuthi uNeo washawa ngenxa kamakhalekhukhwini owawulahlekile.
Ngemuva kwamasonto amabili kwenzeke lesi sigameko, indodana kamsolwa eneminyaka engu-14 ivulele isifuba umalume wayo ngalesi sigameko. Ngemuva kwalokho umalume wazisa amaphoyisa.
Ngemuva kophenyo olwenziwe i-Gauteng Organised Crime Unit, isidumbu sikaMahlangu sitholwe ethuneni elingashoni egcekeni lika babekazi wakhe.
Nakuba umakhelwane uNkomo engazange asize ngokumba umgodi, wahlela ukuthi kube nethimba labasebenzi elizomsiza.
“Lokhu kudalwe ukunqamuka kwamanzi endaweni. Ngikwazile ukumxhumanisa nabafana ababhema izidakamizwa endaweni abavuma ukumsiza,” kusho uNkomo etshela i-Scrolla.Africa.
“Emuva kwesonto ngamangala ukuthi wayengalithenganga ithange, kodwa wayekulangazelela kakhulu ukuthola usizo,” kusho uNkomo.
Wathi uma embuza wamtshela ukuthi usalinde ukuthi ithangi lilethwe.
UNkomo usashaqekile ukuthi umakhelwane wakhe angenza amanyala angaka.
“Manje sekuyazwakala ukuthi kungani ithangi lamanzi lingazange libe khona ngoba umgodi ubusumboziwe, kodwa akazange ayithole incazelo,” kusho umakhelwane.
“Sithole namuhla ukuthi ubemba nje efuna ukugqiba uNeo.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel Dimakatso Sello ukuqinisekisile ukuthi owesifazane oneminyaka engu-36 ubudala uboshiwe wathweswa icala lokubulala.