Kutholwe ezinye izidumbu e-Tembisa Plaza

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Imindeni yabaphangi osekuphele unyaka nesigamu baduka selokhu kwaqhuma igesi e-Tembisa Plaza ilindele izindaba ezikhuthazayo njengoba iziphathimandla zithole ezinye izidumbu ngoLwesithathu.

Lesi sikhungo asikaze sisuswe imfucuza selokhu kwenzeka izibhelu zangoNtulikazi ngo-2021 lapho okwaqhuma khona isilinda segesi. Lokhu kuqhuma kwathungela umlilo owasabalala ezakhiweni eziningi. Abanye abantu bavaleleka esitolo sakwa-Shoprite basha bangqongqa.

Kubantu abangu-13 abaduka ngosuku lokuphangwa ngoLwesibili ngomhlaka-13 kuNtulikazi ngo-2021 bayisithupha kuphela abatholakela. Abayisikhombisa abasele kulindeleke ukuthi kube yilabo abatholakale ebhilidini.

Selokhu i-Tembisa Plaza yavalwa kusukela lapho ngoba kuthiwa ayiphephile.

I-Scrolla.Africa silandela indaba endaweni yesigameko lapho okwalahleka khona izimpilo zabantu.

I-Plaza isalokhu ingaphansi konogada abahlomile ubusuku nemini.

Namuhla ekuseni kubonakale amaphoyisa amaningi, abasebenzi bezobunhloli kanye nabantu bendawo abamatasa endaweni yesigameko.

Sikhuluma nje abezindaba baxoshiwe kule ndawo ngama-ejenti kanti nezokuphepha seziqinisiwe.

Lena indaba eqhubekayo.

Esithombeni esingenhla: Izinsalela zesitolo sakwa-Shoprite e-Tembisa Plaza.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva