Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
- Abesifazane ababili abasebasha batholwe beshonile esakhiweni saseKapa ngemuva kokubikwa ukuthi bayiswe kulendawo sebevele bequlekile.
- Umphakathi ukholelwa ukuthi abagilwa badliswe izidakamizwa futhi bashaywa ngaphambi kokushona.
Kutholwe abesifazane ababili beshonile esakhiweni esise-Lower Crossroads, eKapa, ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokuphuza utshwala ebusuku.
Izakhamuzi zithi laba besifazane abaneminyaka engu-17 no-22 ubudala kungenzeka ukuthi badlwengulwa ngaphambi kokuba bashone.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe lifice abagilwa belele ngaphansi kwengubo.
“Ngithe ngifika besekukhona abahlali endaweni yesigameko, ngithe ngingena esakhiweni ngabona amantombazane amabili amancane elele ngaphansi kwengubo, ngabona amakhanda awo, enye isishonile, angazi kahle ngeyesibili bekwenzekani kodwa bekuphuma amagwebu emlonyeni,” esho.
Umnikazi wesakhiwo akakwazanga ukuchaza ukuthi kungani laba besifazane beze bezolala endaweni yakhe ekubeni behlala emgwaqeni owodwa.
Omunye wesifazane osemncane obehamba nabagilwa phambilini uthe bayiswe esakhiweni.
“Sizwile ukuthi bathathwe ngabasolwa, abazihambelanga bodwa beya kwisakhiwo. Yingakho sicabanga ukuthi baqale badlwengulwa base bebulawa,” kusho isakhamuzi.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg uthe amaphoyisa athole imihuzuko entanyeni yabagilwa.
“Ngokwemibiko, abagilwa batholwe bedindilize ngaphansi kwengubo benemihuzuko entanyeni. Bobabili abagilwa kuthiwa bashonele endaweni yesigameko,” kusho uTwigg.
Amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala. Akukaboshwa muntu.
Esithombeni esingenhla: Amantombazane amabili atholwe elele ngaphansi kwengubo enemihuzuko entanyeni; batholakale ngaphakathi kwisakhiwo e-Island, e-Lower Crossroads, eKapa.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe isakhamuzi