Dylan Bettencourt
Umnenke omkhulu wase-Afrika okwazi ukusabalalisa izifo ngokushesha usufinyelele e-Florida eMelika.
Lo mnenke udla izinhlobo zezitshalo ezingaba ngu-500 uphinde udle ne-stucco okuyinto yokwakha evame ukusetshenziswa e-Florida.
Njengoba iminenke izingela umthombo wayo we-calcium ezindlini zaseMelika iba ingozi ezimpilweni zabantu empilweni njengoba iphethe izinhlobo ezahlukene zama-lungworm, i-parasite ebangela i-meningitis.
“Uma ubona enye yale minenke ungayithinti,” kusho uNikki Fried ukhomishana wezolimo wase-Florida ngokusho kwe-The Times.
“Okubaluleke kakhulu awudliwa. Lona akuwona umnenke ongafakwa ibhotela namafutha kanye no-garlic.”
I-African Land Snail ingakhula ifike ku-20cm ubude futhi izalane ngokushesha amaqanda angu-2,500 ngonyaka.
Lo mnenke watholwa okokuqala esifundazweni ngenyanga edlule futhi kusukela lapho ochwepheshe sebebambe iminenke engaphezu kuka-1,400 ezindlini ezihlukene ezingu-30 kusho uMnyango Wezolimo kanye Nezinsizakalo Zabathengi e-Florida.
Izilwane azivunyelwe ukungeniswa ezweni ngaphandle kwezimvume ezidingekayo.
Isifundazwe sase-Florida sesiqalile ukuqeqesha izinja ukuthi zihogele iminenke. Kukhishwe nomyalelo wokuvalelwa ukuze kunqandwe ukuthi iminenke isuswe endaweni.
Akukhona okokuqala lo mnenke wase-Afrika utholakala eMelika.
Umnyango wezolimo uthe wake watholakala ngo-1969 waphinda nango-2011.
Umthombo wesithombe: @TheCoversation