Elmon Tshikhudo
Akekho osondelene nabo obebona ukuthi kukhona okungahambi kahle kumelusi wemfuyo uThemba Moyo nomkakhe uNdivhudza Khobo, nokuthi umshado wabo ubunezinkinga.
Kodwa ekujuleni kwenhliziyo uThemba kunento emenze wafika kulesi sinqumo asithathile.
NgoMgqibelo, umakhalekhukhwini kaNdivhudza wafa, kanti yena nendodana yakhe enezinyanga eziyisishiyagalolunye uNkosinathi, banyamalala kubo e-Davhana endaweni yase-Vuwani e-Limpopo.
Alikho ilungu lomndeni elabonakala ngalolo suku kwaze kwafika usuku olulandelayo lapho abantu bathi babona uThemba ephethe ipiki nefosholo ebheke emathuneni aseduze.
Kamuva ngalolo suku, watholwa eseshonile endlini yakhe enegumbi elilodwa, elenga ophahleni lwendlu.
Abantu bakule ndawo bebesabela okubi okungase kwehlele lomama nendodana yakhe base bethatha isinqumo sokuba baqonde khona bayobheka. Ukwesaba kwabo kukhule kakhulu ngesikhathi kutholwa izidumbu zigqitshwe ethuneni elingashoni emathuneni endawo.
UNdivhudza ubenenxeba elibi kakhulu ekhanda, izandla zakhe ebeziboshwe ngentambo zinamanxeba ajulile.
UNkosinathi yena ubeshayeke ekhanda.
Umqashi kaThemba, uWinnie Muthambi uthe ubesanda ukumqasha ukuthi abe ngumnakekeli epulazini lakhe.
“Wathi ufuna umsebenzi njengoba ediliziwe emsebenzini wakhe wangaphambilini, ngamnikeza umsebenzi owawuhlanganisa nendawo yokuhlala yamahhala ukuze akwazi ukugada imfuyo yami,” kusho umphathi wakhe.
“Ubezihlalela nomkakhe futhi engakhombisi ukuthi unezinkinga. Angikakholwa namanje ukuthi sekushone abantu abathathu endaweni yami.”
UThomas Rambuwani uthe ubenoThemba ngoLwesihlanu bakha igumbi epulazini.
“Sisebenze usuku lonke ejabule, kuthe uma sekuzoshaya isikhathi sokuba ahambe wathatha ipiki nefosholo waphuma ebheke emathuneni, kanti sengikholwa ukuthi ubekuhlelile konke lokhu,” kusachaza umphathi.
Udadewabo kaLivhuwabi, uNdivhu Khobo uthe lesi sigameko sishiye umndeni ubambe ongezansi.
“Bengingacabangi ukuthi angenza into efana nale. Angikwazanga ngisho nokubheka isidumbu ebesicwiywe kanzima. Abazali bami basesimweni sokungakholwa futhi sikukhumbule ukuthi bahola impesheni kanti nalokhu okwenzekile kungase kuphazamise nempilo yabo,” kusho uNdivhu.
UNdivhu uthe kubuhlungu kakhulu njengoba lona wesifazane eshiye izingane ezinhlanu ezingenabo abazali.