Amaphoyisa ase-Kenya athole izidumbu ezingu-58 okubalwa kuzo nezezingane emathuneni agcwele abantu abaningi ngemuva kokuthi umholi webandla ayalele abalandeli bakhe ukuthi babulawe indlala.
La mathuna asehlathini i-Shakahola eduze kwedolobha i-Malindi lapho okutakulwe khona amalungu angu-15 ebandla i-Good News International Church ngeledlule.
Umholi waleli bandla uPaul Makenzie Nthenge ugqunywe esitokisini njengoba elindele ukuvela enkantolo.
Umsakazi wombuso wase-Kenya i-KBC ubize uNthenge ngokuthi “umholi webandla lobuthakathi” futhi ubika ukuthi sekuhlonzwe amathuna angu-58. Ukumbiwa kwezidumbu kuyaqhubeka.
Odokotela abahlola izidumbu benza ucwaningo ukuze bathole ukuthi abashonile babulawe indlala yini.
UNthenge ukuphikile ukuthi unecala kodwa unqatshelwe ibheyili. Kuthiwa watshela abalandeli bakhe ukuthi bengadli ukuze “bahlangane noJesu.”
Kuthiwa umshumayeli waqamba izigodi ezintathu i-Nazaretha, i-Betlehem kanye neJudiya wabe esebhabhathiza abalandeli bakhe emachibini ngaphambi kokuthi abatshele ukuthi bazile ukudla.
Ngokombiko wephephandaba lase-Kenya, i-The Standard kutholakale abantu abane ababulawe indlala nokuyinto eholele ekuboshweni kukaNthenge ngomhlaka-15 kuMbasa.
UNgqongqoshe wezangaphakathi ezweni uKithure Kindiki usememezele ihlathi elingamahektha angu-800 njengendawo yobugebengu futhi uselivalile.
UVictor Kaudo we-Malindi Social Justice Centre utshele i-Citizen TV ukuthi “uma sikuleli hlathi futhi sifika endaweni esibona khona isiphambano esikhulu neside siyazi ukuthi kusho ukuthi kungcwatshwe abantu abangaphezu kwabahlanu.”
I-Kenya iyizwe lezenkolo futhi kuye kwaba nezimo zangaphambilini zokuheha abantu emasontweni noma emaqenjini angalawuleki nayingozi.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: Ukumbiwa kwezidumbu
Umthombo wesithombe: Twitter