Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Kutholwe izidumbu ezintathu ezishile ngempelasonto endaweni yase-Windoek Plots, Ekurhuleni nesikhwama ebesinamathuluzi okweba amakhebuli kagesi.
Le ndawo inamasimu okulima aqhelelene ngekhilomitha futhi azungezwe izakhiwo ezingasasetshenziswa kanye nedlelo elivulekile.
Izidumbu ezimbili zitholwe ngabelusi bezinkomo. Esesithathu sitholwe amaphoyisa.
Lokhu kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesilisa esitholwe sibole kabi egqoke isikibha esibomvu sohlobo lwe-Uzzi nebhulukwe elinsundu ngomhlaka-13 kuNhlaba.
Ngokusho kukamelusi wezinkomo uMoses Matlala yena nomunye umelusi bathole izidumbu ezimbili ngaphakathi kwekhonteyina ebingasahlali muntu ngoLwesihlanu ngesikhathi beyokhosela ngoba bekuna imvula.
“Ngizamile ukushayela amaphoyisa ucingo kodwa ngehluleka ngenxa yokungabibikho kukagesi endaweni ngemuva kokusha kwe-transformer yaKwa-Thema.
“NgoMsombuluko ngesikhathi ngihamba emgwaqeni u-12th ngibone imoto ye-EMPD ngabazisa ngalezi zidumbu,” esho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Brakpan uConstable Audrey Buthelezi uthe izidumbu zamadoda amabili zitholwe zinamanxeba okudutshulwa ngaphakathi kwekhonteyina ebishisiwe.
“Omunye wabesilisa abashonile ubephethe isikhwama esinamathuluzi asetshenziselwa ukweba amakhebuli kagesi. Le ndawo iyindawo yokwebiwa kwamakhebuli kagesi.
“Isidumbu sesithathu ebesishe kabi sitholakale buqamama nendawo yesigameko,” esho.
“Amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala.”
Umnikazi wale ndawo uBros Mpye utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubengazi ngesigameko uze waziswa ngomakhelwane bakhe ngokutholakala kwalezi zidumbu.
“Impahla yami icekelwe phansi. Angiqondi ukuthi abasolwa kanye nabashonile bangene kanjani endaweni yami,” esho.
Isakhamuzi esikhathazekile uMaria Mushwana uthe usabela impilo yakhe njengoba sekutholakale izidumbu kule ndawo.
“Njalo ngenyanga kuba nesidumbu esitholwa ngabelusi. Asazi noma lezi zidumbu zibulawe ndawana thize yini zalahlwa lapha noma zibulawelwe lapha,” engeza.
Esithombeni esingenhla: Kutholwe izidumbu ezintathu ngoMsombuluko ebusuku
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo