Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Gauteng akuqinisekisile ukuthi kutholwe izidumbu ezingu-19 e-Krugersdorp zabasolwa ngokuba abavukuzi abangekho emthethweni.
Imithombo ebisendaweni yesigameko itshele i-Scrolla.Africa ukuthi laba besilisa baminze besebenza emayini kanti izidumbu zilandwe emanzini ngabanye abavukuzi ababikele amaphoyisa ngalesi sigameko.
Umthombo uthe ngesikhathi iziphathimandla zifika endaweni yesigameko izidumbu bese zikhishiwe emayini.
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng, uBrigadier Brenda Muridili uthe amaphoyisa ase-Krugersdorp aphenya ngokushona kwabavukuzi.
“Amaphoyisa ase-Gauteng angakuqinisekisa ukuthi mhla zimbili kuLwezi ngehora lesithathu amalungu e-SAPS, e-Krugersdorp athole ucingo kulandela ukutholakala kwezidumbu ezingu-19 zabasolwa ngokuba ngabavukuzi abangekho emthethweni kwenye yezimayini ezisebenzayo endaweni.”
UBrigadier Muridili uthe uphenyo luveza ukuthi izidumbu zisusiwe endaweni yesigameko zayiswa lapho ezitholakale khona.
Akukho okusolekayo njengamanje kanti ukuhlolwa kwezidumbu kuzocacisa ngembangela yokushona kwabo.
“Bonke ababambe iqhaza babizelwe endaweni yesigameko. Idokodo lophenyo selibhalisiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uBrigadier Muridili.
Izimayini ezigcwele abavukuzi abangekho emthethweni e-Krugersdorp zisematheni muva nje.
NgoNtulikazi abavukuzi abangu-20 kusolakala ukuthi babamba inkunzi baphinde badlwengula abesifazane abayisishiyagalombili ababeyingxenye yokushuthwa kwevidiyo yomculo wokholo.
Amaphoyisa atheleka kule ndawo abopha abavukuzi abaningi abangekho emthethweni.
NgoMandulo uMnyango wamaphoyisa wathi ujabulile ngemizamo emikhulu eyenziwe ukuletha ukuphepha nokuvikeleka kwizakhamuzi zase-Krugersdorp kusukela kwathunyelwa amayunithi akhethekile e-SAPS endaweni ukunqanda ukumba ezimayini ezingekho emthethweni.
NgoMfumfu amacala okudlwengula abekwe abalisa abangu-14 ahoxisiwe eNkantolo yeMantshi yase-Krugersdorp ngesikhathi kutholakala ukuthi ubufakazi bolibofuzo abuhambisani nabasolwa ababoshiwe.
Ukuhoxiswa kwamacala kudale ukucasuka okukhulu ezweni, ikakhulukazi ukuhluleka kwamaphoyisa ukuphatha leli cala.